Yenyusiwe imali ezohlonyulwa awaseKZN kwiPremier’s Cup

Yenyisiwe imali ezohlonyulwa awaseKZN kwiPremier's Cup
Abaqeqeshi bamaqembu aseKZN azodlala kwiPremier's Cup
Sihle Ndlovu

Azohlonyuliswa imali ekahle wonke amaqembu aKwaZulu-Natal azoyibamba kwiKZN Premier’s Cup ka-2022. 

Lokhu kuqinisekiswe ungqongqoshe weZemidlalo noBuciko eKZN, uHlengiwe Mavimbela, ngesikhathi kwethulwa lo mqhudelwano ngokusemthethweni eLangeni Hotel, eThekwini ngoLwesibili ntambama. 

“Wonke amaqembu azoba yingxenye yalo mqhudelwano azohamba no-R625 000 lilinye,” kugcizelela uMavimbela. 

“Le mali ngiyikhuphule ngo-R200 000 kulo nyaka ngokufaka u-R40 000 eqenjini ngalinye. Njengobani nje owake wakhushulelwa iholo ngemali engaka?” 

Ubesho kanje uMavimbela encokola kodwa egcizelela ukuthi umnyango wakhe uzohlale uwuxhasa lo mqhudelwano. 

Amaqembu azodlala kulo mqhudelwano wokwendlalela isizini AmaZulu FC, yiLamontville Golden Arrows, yiMaritzburg United, yiRoyal AM, yiRichards Bay FC noThongathi FC. 

Emdlalweni wokuqala ngoMgqibelo kuzotholana phezulu iRichards Bay FC neRoyal AM ngo-11 ekuseni.

Kowesibili kuzobe sekubhekana Uthongathi FC neMaritzburg United ngo-1 ntambama, eKing Zwelithini Stadium, eMlaza. 

FUNDA NALA: USithebe ufuna ukubaphakela izindebe kwiChiefs

Kuzothi ngeSonto kufudukelwe eMgungundlovu lapho kuzobhekana khona iLamontville Golden Arrows naMaZulu FC kowandulela owamanqamu wokuqala.

Kowesibili owandulela owamanqamu kuzobe sekuhlangana amaqembu azobe ewine eKing Zwelithini Stadium, ukuze kuphume iqembu elizodlala kowamanqamu ntambama. 

Kule midlalo kuzongenwa mahhala kanti abalandeli bayanxuswa ukuthi batheleke ngobuningi babo njengoba sebevunyelwe ezinkundleni. Imidlalo izodlalwa ngoJulayi 30 no-31.

editor@impempe.com

Leave a Reply

Your email address will not be published.