Yenyukele endaweni yesibili iRichards Bay ngemuva kokunenebula iChiefs

UZamile Daniel weBizana Pondo Chiefs oshaye igoli ngakubo bedlala neRichards Bay ngeSonto

OKADONGA GUMBI

Ayizange ibe naluzwelo iRichards Bay inenebula kanzima ‘omakhelwane’ bayo baKwaZulu-Natal, iBizana Phondo Chiefs ngo 4-1 emdlalweni weGladAfrica Championship obuseMhlathuze Sports Complex ngeSonto ntambama.

IChiefs ivele izidonsela kanzima kwisizini yayo yokuqala esigabeni esikhokhelayo njengoba kuyiyo esemsileni. Yize leli qembu kungelase-Eastern Cape, kodwa lisaqashe eThekwini okwamanje okwenza libe ngomkhaya beRich Boys. Imidlalo yalo yasekhaya liyidlalela eKing Zwelithini Stadium, eMlazi.

Nokho iNatal Rich Boys kaSimo Dladla ayizange ikunake konke lokho ngesikhathi yandisa usizi olubhekene noTshepo Motsoeneng kwiLions – okuyigama lesidlaliso leChiefs.

Usizi lweLions luqale ngomzuzu ka-43 ngesikhathi uZamile Daniel elishaya ngakubo igoli ukubeka iRich Boys phambili nokuyiwe isahamba phambili ngawo lowo 1-0.

Izinto zike zathembisa ukuthi zizojika zibe ngcono kwiChiefs ngesikhathi inikwa iphenathi ngomzuzu ka-49, uSibusiso Ngcobo wayibeka enethini kwaba ngu 1-1.

Nokho lokhu kubukeka kuyicasulile iRichards Bay njengoba ivuke indlobane yabe seyibuya ishaya amagoli amathathu. Elesibili lingene ngomzuzu ka-70, nalo okube yiphenathi evalelwe phakathi nguThabo Maphakisa.

Ngomzuzu ka-84, uMoses Mthembu naye ubhalise elakhe igama emabhukwini abashayi bamagoli kulo mdlalo, kwathi uBayzel Goldstone washayela isipikili sokugcina ngomzuzu ka-89. UBayzel yindodana kaGarry Goldstone owayedlala kwiKaizer Chiefs eminyakeni edlule.

Komunye umdlalo nawo obungeSonto, iPretoria Callies isondele emhlabeni ongcwele wakule ligi ngokushaya iCape Town All Stars ngo 2-1 Parrow Park Stadium.

ICallies seyisendaweni yesihlanu ngamaphuzu angu-18, kanti isilele kwiSekhukhune United, okuyiyona eqhwakele, ngamabili. Yisizini yayo yokuqala lena kwiChampionship iCallies ephekwa ngumakadebona onguSammy Troughton.

Imiphumela yangoMgqibelo: TS Sporting 2-0 Cape Town Spurs; Royal AM 1-0 Cape United; JDR Stars 1-0 Uthongath; Sekhukhune United 1-1 University of Pretoria; Steenberg 1-1Polokwane City; Jomo Cosmos 1-2 Free State Stars.
Imiphumela yangeSonto: CT All Stars 1-2 Pretoria Callies; Richards Bay 4-1 Pondo Chiefs

Leave a Reply

Your email address will not be published.