Yenze edume ngazo iStellies ilahla amaphuzu eKapa

UKudakwashe Mahachi weSuperSport United ushaye igoli lokulinganisa bebhekene neStellenbosch

SIHLE NDLOVU

Iphinde yadedela amaphuzu ekugcineni iStellenbosch FC ngesikhathi ibambana ngo 1-1 neSuperSport United emdlalweni weDStv Premiership, eDanie Craven Stadium, eStellenbosch, ngoLwesihlanu.

IStellies ibihamba phambili isikhathi eside kulo mdlalo kodwa yayilahla ekugcineni idedela igoli seliyoshona. Leli qembu lenze okufanayo emdlalweni odlule lapho belihamba phambili ngo 1-0 libhekene neMamelodi Sundowns kodwa lagcina lishaywe ngo 2-1, enkundleni efanayo. Kulo mdlalo weSundowns iStellies idedele uPeter Shalulile wangqofela phakathi igoli ngomzuzu wokugcina ngci.

Isiwombe sokuqala besingaphakamisi nakancane amaphaphu futhi awekho amathuba atheni akhiwe amaqembu womabili. Kubukeke sengathi iStellenbosch ibizama ukuhlala emuva bese izame ukuhlasela iSuperSport ngokuzuma. Nokho leyo mizamo yayo ibiphelela esiswini nokuyilapho la maqembu ebegqishe khona, engafuni ukudedelana.

Ithuba elingconywana lehlele Amatsatsantsa a Pitori ngomzuzu ka-41 ngesikhathi kunesibhudubhudu ebhokisini leStellies. Nokho imizamo ka-Evans Rusike yokubeka ibhola phakathi ayizange iphumelele. Kucacile ukuthi mkhulu umsebenzi obuhlalele abaqeqeshi ngemuva kokuthi umdlalo uye ekhefini zibambene ngo 0-0.

Isiwombe sesibili siqale iSuperSport ibukeka izimisele ngokushaya igoli. Nokho ibuye yehlisa izinga kwaba yiStellies egcine ihlasela kakhulu. Ngomzuzu ka-59 ligcine libhobekile ithumba ngesikhathi u-Augustine Dimgba eshaya igoli, yahamba phambili iStellies.

ISuperSport ibingasadlali neze kahle ngemuva kwalokho, izama nje ukuhlanganisa. Nokho ipatanise kwaze kwalunga ithola igoli ngomzuzu ka-82 elize noKudakwashe Mahachi ngemuva kwesibhudubhudu. Kufuze ukuthi uKaitano Tembo ulijabulele iphuzu ngoba iSuperSport ayizange idlale kahle neze kulo mdlalo.

Email: editor@impempe.com

Twitter: @impempe_com

Facebook: Impempe SA

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *