Yimbi le ndawo esikuyo – Steve Barker

Umqeqeshi weStellenbosch FC, uSteve Barker nomdlali wakhe omusha u-Ibraheem Jebaar

MTHOKOZISI MNCUSENI

Akeneme ngendawo iqembu lakhe elikuyona kwilogi yeDStv Premiership umqeqeshi weStellenbosch FC, uSteve Barker okhala ngokuthi bakude kakhulu nesibalo abebezibekele ukuthi bazobe sebekusona maphakathi nesizini.

IStellies isidlale imidlalo engu-15 kule sizini kodwa yaphumelela ukuqoqa amaphuzu angu-15 now kuphela.

Kule midlalo engu-15 ezikaBarker zisawine kathathu nje vo, zadlala ngokulingana kweyisithupha zakhala ngaphansi kweminye eyisithupha.

Ngenxa yale fomu iStellenbosch ebophele inqwaba yabadlali abayizihlabani zase-Afrika ihleli endaweni yesihlanu uma usuka emsileni.

Ingcono ngamaphuzu ayisithupha kuphela kwiBlack Leopards ebabmbe ibhuleki kodwa iLidoda Duvha isele ngomdlalo owodwa kwiStellies.

“Asikwazi ukukufihla ukuthi asineme ngendlela iqembu elenze ngayo emidlaweni yokuqala engu-15 yesizini.

“Uma sibheka emuva kuyacaca ukuthi indawo esikuyona kwilogi iyaphoxa. Sikude kakhulu kunalapho okufanele kumbe ebesihlele ukuthi sizobe sikhona ngemuva kwemidlalo yeligi engu-15.

“Akufanele ngabe silapha kwilogi. Yebo zikhona izinto ezinhle futhi eziningi esizenze ngendlela kodwa kusicacele sonke ukuthi kukhona ezinye futhi eziningi okufanele sikhuphule kakhulu amasokisi kuzo.

“Asithandi ukuba kule ndawo esikuyo ngoba ayihloniphekile futhi ayisifanele. Konke lokhu okufanele sikushintshe kuqala ngeTTM esisanda kudlala nayo.

IStellenbosch izothuthana neTshakhuma Tsha Madzivhandila kwiDStv Premiership ngeSonto ngo-3.30 ntambama ePeter Mokaba Stadium.

“Awulula lo mdlalo ngoba sisanda kudlala nabo sanqoba kodwa sijulukile. Yize sinqobile kodwa bebekithi manje ithina esiya kubona.

“Ifomu abakuyona yinhle kulezi zinsuku ngakho kusemqoka kakhulu ukuzibamba ziqine uma sifuna ukuwaqoqa egcwele amaphuzu kwazise sibanga nawo kakhulu amaphuzu amaqembu asezansi njengathi kwilogi,”kusho uBarker.

Likhulu ithemba kuBarker ngokuguquka kwemiphumela njengoba kunezihlabani zakhe ezimqoka eseziluleme yize kusekhona abathathu abangekho.

Email: mthokozisi@impempe.com – Twitter: @MthokozMncuseni

 

 

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *