Yiqembu elihle kakhulu iTP Mazembe: Rulani Mokwena

URulani Mokwena

SIHLE NDLOVU

URulani Mokwena ongumqeqeshi weMamelodi Sundowns wazi kahle ukuthi akumele bayithathe kancane iTP Mazembe emdlalweni weCAF Champions League.
Lo mdlalo useStade TP Mazembe ngoLwesihlanu ngo-6 ntambama. UMokwena uthe akuzukuba lula ukudlala neMazembe ekuhambeni.
“Yiqembu elihle kakhulu (iMazembe), uma livimba emuva liqine kakhulu. Siyibukile imidlalo yabo emithathu edlule. Badlale umdlalo womkhaya, badlale ne-Al Hilal bashaywa. Kumele sizicije ngokwanele senze isiqiniseko sokuthi sikulungele ukudlala neqembu elinendluzula. Sizobona ukuthi bazozihlela kanjani ngoba yibona abadinga amaphuzu amathathu kakhulu kunathi,” kusho uMokwena.
ISundowns iyona ezihola phambili eqoqweni layo njengoba seyiwine imidlalo emibili selokhu kuqale imidlalo yamaqoqo. UMokwena uthe emdlalweni odlule izinto zivune bona futhi akungabazeki ukuthi nakulokhu ufisa okufanayo uma sebebhekene neTP Mazembe.
“Ngicabanga ukuthi sahamba kahle (beyodlala neCR Belouizdad yase-Algeria). Ukukhuluma ngenkundla ngicabanga ukuthi isimo sezulu savumelana nathi. Laliguqubele futhi lagcina lithi ukukhiza okuyinto eyasisiza. Inkundla yayikahle ngoba sasilindele ukuthi lishise kakhulu. Nokho kwaba yisimo esikahle kakhulu,” kusho uMokwena.
Uthe ngesikhathi besejimini bebezama ukususa isimo esinzima somdlalo odlule bese bezama ukulungiselela ozayo. Kuzwakale sengathi konke kuhambe kahle ngoba akakhulumanga ngabalimele.
Uma iSundowns iwina kwiMazembe izozibeka ethubeni elihle lokudlulela kuma-quarterfinal kwiChampions. Izobe isinamaphuzu ayisishiyagalolunye kanti kukhona nemidlalo esazoyidlalela ekhaya. AmaBrazilians aseke ayiwina iChampions League ngo-2016 ngaphansi kukaPitso Mosimane. Azobe ebheke ukuphinda okufanayo nakulokhu njengoba kubukeka izinto ziwahambela kahle.
Email: editor@impempe.com
Twitter: @impempe_com

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *