‘Yiqiniso, inkinga likhulunywe umuntu ongafanele,’ kusho uDlangalala

'Yiqiniso, inkinga likhulunywe umuntu ongafanele,' kusho uDlangalala
UHugo Broos ongumqeqeshi weBafana Bafana
Sbongs Gumbi

Umqeqeshi weBafana Bafana uHugo Broos uthole ukwesekwa nguZipho Dlangalala kwakushilo ngokungabi khona kwabadlali abasezingeni kuleli.

UDlangalala uthi alikho iphutha kulento eshiwo ngule mqeqeshi odabuka eBelgium ngoLwesibili egcina ibacasula abanye bethi sekuyindlela yakhe nje yokubambelela ngezidindi.

“Sekuyisikhathi sokuthi sibheke inkinga okuyiyona enkulu manje,” kusho uBroos kwabezindaba ngoLwesibili ntambama.

“Leyo yindaba yokuthi asinabo abadlali abasezingeni eNingizimu Afrika. Asinabo abadlali abafana nabamaqembu esidlale nawo muva nje.

“Uma ubheka kwiGhana, u-90% wabadlali bayo basemaqenjini ase-Europe. IFrance ngeke ngize ngikhulume kwakukhuluma ngayo.

“IMorocco yona beyinomdlali oyedwa odlala ekhaya okungunizinti weWydad Casablanca… Lokhu kufanele kukutshele konke odinga ukukwazi,” kusho uBroos.

Le nkulumo yakhe ibaxhilile abanye, kanti abanye bayameseka bathi yiqiniso elimsulwa leli aliphalazayo lo mqeqeshi.

Kulabo kukhona noDlangalala oseqeqeshe emaqenjini amaningi ehlukene okukhona kuwo ne-Orlando Pirates.

“Lento eshiwo uHugo Broos ayiyintsha neze… Bekungekudala ngesikthi noBenni McCarthy eyisho lento,” kusho uDlangalala oKhozini FM ngoLwesibili kusihlwa.  

“Kumele sibe neqiniso, kwesinye isikhathi yilokho okuyosisiza ukuba sithole izixazululo zezinkinga zethu. Inkinga enkulu wukuthi abaqeqeshi bakuleli ababumbene.

FUNDA NALA: UMhango usejahe ukubhakuzisa inethi, asize Usuthu ludle izicoco

“Kukambalwa la behlangana khona bakhulume ngebhola lakuleli nezinselello esinazo bese besizana ukuthola izisombululo. Lento eshiwo uBroos ayiyintsha futhi iyiqiniso.”

Yize emeseka uBroos ngokukhuluma ngalezi zinkinga ezikhona, uDlangalala uyamsola lo mqeqeshi ngokuthi akusizi ngoba naye abaqhamuki nezisombululo.

“Inkinga wukuthi kwanaye akanazo izisombululo aqhamuka nazo. Akekho umqeqeshi ongasombulula izinkinga zeNingizimu Afrika.

“Inkinga enkulu wukuthi asizithandi thina. Asikholelwa kokwethu. Ngisho amaqembu ethu siwaqamba ngamagama amaqembu aphesheya. 

“Akukho okungelona iqiniso kokushiwo nguHugo Broos, ngicabanga ukuthi abantu baxhilwa wukuthi kushiwo ubani,” kuchaza uDlangalala.

editor@impempe.com

Leave a Reply

Your email address will not be published.