‘Yisiqalo sezinto ezinhle kwiTshakhuma lesi,’ kusho uMasutha ngemuva kokuchiliza iSuperSport

UJoel Masutha okholwa wukuthi iTshakhuma Tsha Madzivhandila isingene ingenile egiyeni ngemuva kokushaya iSuperSport United koweNedbank Cup

OKADONGA GUMBI

Kwenyukile ukuzethemba kwiTshakhuma Tsha Madzivhandila ngemuva kokuqhelisa iSuperSport United endleleni kwiNedbank Cup, beyishaya ngo 1-0 eThohoyandou Stadium ngoLwesine.

Bekuzwakala nangendlela abekhuluma ngayo ngemuva komdlalo umqeqeshi waleli qembu elidonsa kanzima kwiligi, uJoel Masutha ukuthi impela unethemba lokuthi zizoji’zinto ngemuva kwalo mphumela omuhle.

Ukuwina kweTTM akubanga nje uqhwasha njengoba abaningi bengacabanga uma bebuka umphumela, kodwa idlale kahle ngokuhlangana futhi yawakha namathuba, kodwa kwala ukwenza ukuthi ishaye amanye amagoli.

Ngisho nomqeqeshi weSuperSport, uKaitano Tembo uyivumile induku wathi iTshakhuma beyikufanele ukunqoba kulo mdlalo ngoba ibathwalisile ubunzima.

UMasutha naye uvume ubunzima bomdlalo, wabe esencoma ukuzimisela kwabadlali bakhe abebengafela ngisho enkundleni kunokubuya nenduku yombangandlala ukube isidingo salokho besikhona.

“Bekuwumdlalo onzima sibhekene neqembu elingathintwa uma kuziwa ezindebeni. Kodwa vele akukaze kube lula uma udlala nabo. Bese bevele besishaye kabili (kwiMTN8 nakwiligi) kule sizini,” kusho uMasutha.

“Kodwa kulokhu sithe, ‘namuhla wusuku lwethu, asikwazi ukuhlulwa’. Indlela abazinikele ngayo, bakhipha amangwevu ngayo abadlali iyancomeka. Yonke into ebesiyihlelile yenzeke ngendlela ebesiyilindele,” kuchaza yena.

Manje uMasutha usebheke ukuthi baqhubeke ngalo leli giya nasemidlalweni yabo yeligi njengoba bedinga ukusuka ngasemsileni, okuyindawo embi amaqembu agcina ekuyo adliwa yizembe.

“Badlale kahle kakhulu namuhla, futhi ngiyakholwa le wini izobuyisa ukuzethemba eqenjini nakumdlali ngamunye… Kumele baqale bakhohlwe ukuthi nathi siyafana namanye amaqembu futhi singayiwina nje imidlalo.

“Le wini iyisiqalo nje, maningi amanye azoyelama ngoba sifuna ukusuka kule ndawo esikuyo kwilogi,” kubeka uMasutha.

@impempe_com

Editor@impempe.com

 

Leave a Reply

Your email address will not be published.