YiSundowns kuphela eqhathwe kangcono emzuliswaneni wesibili kwiNedbank Cup

Yiyo le indebe yeNedbank Cup egaqelwe amaqembu angu-16

OKADONGA GUMBI

Kuzosefeka izinkunzi ebafaneni emzuliswaneni wesibili kwiNedbank Cup njengoba amaqembu esigaba esiphezulu eqhathwe wodwa ngaphandle kweMamelodi Sundowns.

Leli qembu laseChloorkop liqhathwe nePolokwane City edlala kwiGladAfrica Championship, futhi kubukeka iSundowns izozidlela amahlanga lapha kwiRise and Shine.

Kodwa ke yibhola leli linezimanga zalo futhi naMasandawana angazithuka esesale engazi ashayiswe yistimela noma awiswe yihhashi njengeKaizer Chiefs egilwe yiRichards Bay emzuliswaneni wokuqala.

I-Orlando Pirates, edlule ngomcacezelo wegoli elilodwa kuThongathi FC emzuliswaneni wokuqala, izotholana nontanga kowesibili njengoba izotholana phezulu neMaritzburg United.

IPirates isanda kuyishaya iBlue Hearts emdlalweni weligi kodwa izinto zizobe zingasafani kwazise lona kuzobe kungowendebe.

ISwallows, engayazi induku selokhu kuqale isizini, izothwala kanzima njengoba izoya eVenda la iyogadulisana khona neTshakhuma Tsha Madzivhandila.

ITTM ukhombise ukuthi isiqale isahluko esisha ngesikhathi ikhipha iSuperSport United ebingelinye lamaqembu abebhekiwe kulo mqhudelwano.

AmaZulu FC, adlule kanzima komkhaya iLamontville Golden Arrows ngoLwesihlanu, nawo azodinga ukuqinisa uma efuna ukudlulela phambili.

Usuthu nalo luzowabhekisa eVenda amabombo la luyofike lukhiphane khona inkani neBlack Leopards.

Ziqhathwe kanje: TTM v Swallows; Chippa v CT City; Callies v JDR; Sundowns v Polokwane; Sporting v Richards Bay; CT All Stars v CT Spurs; Maritzburg v Pirates; Leopards v AmaZulu

Email: Editor@impempe.com – Twitter: @impempe_com 

 

 

 

Leave a Reply

Your email address will not be published.