SHWIII: Yizehluleki ezindala iSafa, yingakho neBafana injena nje

UDanny Jordaan noMolefi Ntseki

SIHLE NDLOVU
Ukukhonjwa indlela kobengumqeqeshi weBafana Bafana, uMolefi Ntseki, akusho ukuphela kwezinkinga eqenjini lesizwe laseNingizimu Afrika.
Kuyiqiniso kona ukuthi akubanga kuhle ukuthi iBafana ihluleke ukuzibekisela indawo kwi-Africa Cup of Nations (Afcon) ezokuba seCameroon ngonyaka ozayo. Nokho lokhu kuyinto engaqali futhi akubukeki seyigcinile. ISouth African Football Association (Safa) le esinqume ukumkhomba eza ngayo uNtseki, iyo kanye eyathatha isinqumo sokumnika umsebenzi ngemuva kokushiya kukaStuart Baxter. Ayigcinanga lapho iSafa njengoba yaphinde yamgixabeza ngeminyaka emihlanu yonke lo mqeqeshi enkontilekeni eyamsayinisa yona.
Leso sinqumo seSafa sibukeka sijikele yona ngoba uNtseki uhlale isikhathi esincane kakhulu ephethe izintambo kwiBafana. Empeleni lo mqeqeshi oneminyaka engu-51 uhole iBafana emidlalweni eyisishiyagalolunye nje kuphela njengoba esekhonjwe indlela nje.
Inkinga enkulu ebhekene nebhola laseNingizimu Afrika yiSafa le eholwa uDanny Jordaan. Izinqumo ezithathwa laphaya zibuye zikushiye ubambe ongezansi bese ongenhla uwushiyele amanqomfula. Ngingasho nje ngingangabazi ukuthi kumele kuqale kukhucululwe laphaya eSafa House kuqala ukuze ibhola laseNingizimu Afrika lithole ukuhlonipheka elikudingayo.
Le Safa esikhuluma ngayo iyizehluleki ezithula noma sekonakala. Okufakazela lokho yilesi simo sakwiSafa eThekwini esihlule uJordaan nethimba lakhe iminyaka. Angikaze ngizitshele ukuthi kungaze kuphele imiyaka eminingi kangaka iSafa ihluleka ukuxazulula inkinga yokuthi kwiSafa eThekwini kunabaholi ababili, uMazwi Mchunu no-Alpha Mchunu.
Yinike enhle noma esile engenziwa yiSafa uma ihluleke iminyaka ukuxazulula inkinga yaseThekwini? Bangakwazi ngempela oJordaan nethimba lakhe ukuhola amaqembu esizwe ngendlela efanele uma besahlulwa yizinto okumele bazixazulule esifundeni esisodwa kuze kuphele iminyaka? Angicabangi kanjalo.
IBafana seyike yaba nabaqeqeshi abahle abafana noCarlos Alberto Parreira, Carlos Quirez noStuart Baxter. Awukho umehluko otheni esiwubonile lapha ngoba le nhlangano inobuhlathi obusezingeni eliphezulu ngaphakathi kuyona. Noma kungaqashwa uZinedine Zidane bese iphini lakhe kube uPep Guardiola angiboni iBafana ingaphumelela uma kusaphethe abantu abafanayo kwiSafa.
Kumele kungagcini ngokuthi kube wumqeqeshi okhonjwa indlela uma iBafana ihlazekile njengoba kwenzekile ihluleka ukuzibekisela indawo kwi-Afcon engonyaka ozayo. Bayekelwani laba abaqasha uNtseki yize kungekho mava atheni ayeza nawo eqenjini lesizwe?
Bengihlale ngisho ukuthi angisoze ngigxeke uNtseki ngokungenzi kahle kweBafana ngoba akazange ayikhombe ngesibhamu iSafa ukuze imqashe. UNtseki wafaka iCV yase imqasha iSafa ngezizathu zayo esingazazi. Sekuyisikhathi sokuthi kuhlakazwe yonke le nto eseSafa House kuqalwe kabusha ukuze amaqembu esizwe aqale ukwenza kahle emidlalweni ebalulekile. Ngeke kusisize ngalutho ukulokhu sixosha abaqeqeshi kodwa sishiya isidleke okuyisona esimumethe abantu abababulala ibhola laseNingizimu Afrika. Shwii!!!

USihle Ndlovu ungumhleli weMpempe

Email: Editor@impempe.com
Twitter: @impempe_com
Facebook: Impempe SA

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *