Yizinkani zababili kududulana izinkunzi zaseLimpopo

U-Ananias Gebhardt

OKADONGA GUMBI

IBaroka ifuna ukugxuma ingene ngaphakathi kwiTop 8 ehambisana nethuba lokudlalela uR8-million kwiMTN8. ITshakhuma Tsha Madzivhandila ifuna ukugxuma iqhele ezembeni elizingela amaqembu elizowagawula, liwashovele ehlathini.

Lokhu kuyizinongo ezizokwenza lo mdlalo womkhaya baseLimpopo uconsise amathe, futhi ube sezingeni eliphezulu ngoba womabili awadinga ephelele amaphuzu.

La maqembu azogadulisana ePeter Mokaba Stadium, ePolokwane ngoLwesibili ngo-3 ntambama emdlalweni weDStv Premiership.

“Kuzoba wumdlalo onzima lona,” kuvuma ukaputeni weBakgaga, u-Ananias Gebhardt ngaphambi kwalo mdlalo. “Kodwa vele kulesi sikhathi sesizini ayikho imidlalo elula.

“Ngakho, sinecebo esilinikwe ngabaqeqeshi okufanele nakanjani sililandele. Abaqeqeshi bethu basichazele kahle okumele sikwenze ngakho kumele thina senze lokho ukuze siphume nomphumela esiwufunayo. Sihlose ukuwina yonke le midlalo esele,” kuqhuba uGebhardt.

Kuningi okucishe kufane ngalamaqembu womabili futhi adlala ngendlela ecishe ifane njengoba ehlasela ngesivivini sentulo uma ephethe ibhola. IBakgaga yaba yiqembu lokuqala kulesiya sifundazwe ukuwina indebe ngesikhathi lidla iTelkom Knockout eminyakeni emithathu edlule.

ITshakhuma – efike ngendlela ebacikile abaningi esigabeni esiphezulu kuleli njengoba yathenga isitifiketi weBidvest WIts ngendlela engabagculisanga – ibe yiqembu lokuqala ukudla isicoco ngesizini yalo yokuqala esigabeni esiphezulu.

IVhadau Vha Damani isanda kudla iNedbank Cup la eveze khona ubungozi bayo njengoba isunduze izinkunzi iSuperSport United neMamelodi Sundowns endleleni yayo yokuyohlwitha iNedbank Cup. Ukuzethemba kufanele ukuba phezulu kuwo womabili lamaqembu okuzokwenza lingabi bikho kuwo elizolugoba kalula uphondo.

Email: Editor@impempe.com

Twitter: @impempe_com

Facebook: Impempe SA

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *