Zamsiza zithi ziyamlaya uMosimane iziwengu zeSundowns

UPitso uthi akasaphumi endlini e-Egypt ngenxa yokuxinwa abalandeli
UPitso Mosimane
UMBONO
UBHALWE: OkaDonga Gumbi
ISITHOMBE: Twitter

Ukuthi ngubani lona onomowa omubi owathumela iqeqebana labalandeli beMamelodi Sundowns ukuba bayothuka uPitso Mosimane emavikini ambalwa edlule asazi – futhi mhlawumbe ngeke sazi.

Mhlawumbe akekho owayebathumile, babezisukelwe wumsangano nje nabo abangeke bakuchazele wawuvelaphi. Singahlawumbisela kuse ekuseni kusasa. Kwanokuthi kukhona owayebathumile, sezwa ngoMosimane owathi unanobufakazi bezincwadi ezithunyelwe nge-email.

Mhalwumbe uyoziveza lezo zincwadi ngelinye ilanga, sishaqeke sonke. Kodwa angikholwa, mhlawumbe usengaze akuveze mhla ebhala incwadi ngempilo yakhe. Uzoxola ke mfundi wale ngosi, bengishilo ngathi singahlawumbisela kuze kuse.

Mhlawumbe kuzoba njalo nje, kwazi bani? Wothi ngibuyele odabeni ungaze ungisole ngokuthi mhlawumbe ngeqise ezimbizeni zikaFaro yingakho ngiphindaphinda igama elilodwa nje. Angibulokothi!

Into engifuna ukuyisho lapha wukuthi lokhu abakwenza labaya balandeli, ngingazike noma kubafanele yini ukubizwa ngalelo gama, kwamsiza uMosimane. Iziwengu, ilelo igama elibafanele kahle.  Ezinsukwini ezimbalwa ukusuka, lapho, safunda ngokuthi isikhulu se-Al Ahly simnceme saze sacishe sakhala lo mqeqeshi.

Umengameli we-Al Ahly, uMahmoud El Khatib wathi uMosimane ufana nedayimane – hhayi lamatshe okugeza insila aseMnambithi, ngiyadlala – alithole linganakiwe, wazipholishela lona.

Naye wayezigcwanekela nje ngendlela yakhe. Kodwa ngiyacabanga yayimphethe kabni indaba yokuthukwa kukaPitso ngoba nje ejoyine iqembu lakhe. Nabadlali be-Ahly babonakala sebemlwela kangcono uMosimane. Angazi noma yimina obenganaki, kodwa sekuvele kuhlale obala ukuzwana eqenjini likaPitso manje.

Ukube izwe alivaliwe, bengiyohamba impela nami ngiyomemukela esikhumulweni sezindiza uma esezodlala neKaizer Chiefs kuleli kowamanqamu kwiCAF Champions League. Yebo, uzwe kahle, ngiyethemba ngaleyo Ndlela iChiefs ukuthi izofika kowamanqamu.

EMAIL: Editor@impempe.com
TWITTER: @impempe_com
FACEBOOK: Impempe SA

One thought on “Zamsiza zithi ziyamlaya uMosimane iziwengu zeSundowns”

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *