Zibe mnyama izinto zikaMngonyama kweZimnyama

UKwandakwensizwa Mngonyama
Sihle Ndlovu

UKwandakwensizwa Mngonyama, osemabhakwini e-Orlando Pirates, akakaze azithole ezinzile eqenjini lakhe ngokwanele njengoba ebelokhu ebolekiswa.

Empeleni lo mndondoshiya womdlali wasemuva oneminyaka engu-28, udlale imidlalo eminingi yePremirship ubolekiswe yiMamelodi Sundowns kwiBidvest Wits nakwiMaritburg United amasizini amane elandelana.

Ngemuva kwalokho uMngonyama uye kwiCape Town City kwathi ukuba ngconyana njengoba ebesithola isikimu.

Kumangale abaningi ngesikhathi iPirates imethula ngasekuqaleni kwesizini edlule.

Bakhona abebebona lo mdlali ezozenzela igama kwiBucs kodwa abanye bebeshaya amakhala ngokubuka ukuthi leli qembu linabaphi abadlali basemuva.

Njengamanje kuvela ukuthi uMngonyama uzodedelwa kwiPirates ezama ukwakha iqembu kabusha.

IBucs isanda kudedela uThulani “Tyson” Hlatshwayo naye obedlala emuva, kanti uMngonyama kuthiwa uzolandela maduze nje, ngokubika kweSABC Sport.

FUNDA NALA: U-Erasmus noKomphela abayizwa lento eshiwo uBroos

“I-SABC Sport iyakuqonda ukuthi i-Orlando Pirates kulindeleke imemezele ukuthi uKwanda Mngonyama uyahamba maduze nje,” kusho umbiko weSABC.

Izinto azizange zimvume uMngonyama kwiBucs njengoba ekwaze ukudlala imidlalo eyisishiyagalolunye kuphela kuyona yonke imiqhudelwano.

Mhlawumbe ukuba khona kwabadlali abafana no-Olisa Ndah obedlala ibhola elihle emuva ngesizini edlule.

Omunye umdlali okuvela ukuthi uyashiya kwiBucs uCollins Makgaka odlala esiswini.

editor@impempe.com

 

Leave a Reply

Your email address will not be published.