Zicasulwe yindlala zagabha bonke okaputeni izinkunzi zaseSoweto

Zicasulwe yindlala zagabha bonke okaputeni izinkunzi zaseSoweto
UHappy Jele noBernard Parker abazobe bengekho uma sekudlalwa idabhi yaseSoweto ngesizini ezayo
Sihle  Ndlovu

Izinkunzi zaseSoweto, iKaizer Chiefs ne-Orlando Pirates, zichithe abadlali abebengokaputeni bazo ekupheleni kwesizini edlule.

Lokhu kuchaza ukuthi la maqembu kuzomele akhethe okaputeni abasha njengoba isizini entsha yeDStv Premiership iqala ngo-Agasti 5.

IChiefs iyona eqale yangananaza yadedela uBernard Parker, okunguyena obegqoka ibhande likakaputeni ngesizini edlule.

Bese kubhekwe ukuthi uRamahlwe Mphahlele, obegqoka ibhande uma engekho uParker, kube uyena ozohola Amakhosi ngesizini ezoqala.

Nokho leli qembu livele lamdedela uMphahlele kungazelele muntu, nokuchaza ukuthi ibhande lizobe ligqokwa omunye umdlali kuMakhosi ngesizini ezayo.

U-Itumeleng Khune uyena obemenyezelwe njengokaputeni weChiefs ekuqaleni kwezisini kodwa ubelizwa ngendaba ijezi. Akwaziwa nakulokhu ukuthi uzodlaliswa yini lo nozinti.

Mhlawumbe iChiefs izobheka komunye wonozinti bayo ukuthi abe ngukaputeni uma kuqala isizini. Njengamanje abahamba phambili uBruce Bvuma noBrandon Peterson.

Abanye abadlali abakhona kwiChiefs abanamava uKeagan Dolly, uKhama Billiat, u-Erick Mathoho noCole Alexander.

Ngasohlangothini lweBucs kwenzeke into ecisho ifane njengoba ichithe uNtsikelelo Nyauza obegqoka ibhande uma engekho uHappy Jele.

Kuthe kusabhekwe lokho eZimnyama zahlukana noThulani “Tyson” Hlatshwayo naye obeligqoka ibhande ngezinye izikhathi.

Ezinsukwini ezimbalwa ezedlule abalandeli beBucs basale bebuzana imibuzo engapheli ngemuva kokuthi leli qembu lihlukane noJele, obekunethemba lokuthi angase ahlale okungasenani isizini eyodwa.

Nayo iPirates ingase ibheke epalini uma seyikhetha ukaputeni omusha njengoba kukhona uRichard Ofori.

Phakathi kwabanye abadlali ezingabheka kubona eZimnyama kukhona u-Olisah Ndah, oshaye into ecokeme emuva ngesizini edlule, uThabang Monare noBen Motshwari.

No-Innocent Maela owayengukaputeni ngesikhathi ebolekiswe kwiThanda Royal Zulu kudala angase anikwe leli bhande.

Kuzocaca khona maduze ukuthi lezi zinkunzi zaseSoweto zizobe ziholwa yibaphi abadlali njengokaputeni ngesizini ezoqala.

editor@impempe.com

Leave a Reply

Your email address will not be published.