Zigadlane zaze zabukana iRoyal AM ibambana ne-Arrows

Zigadlane zaze zabukana iRoyal AM ibambana ne-Arrows
UMBIKO: OkaDonga Gumbi
ISITHOMBE: Twitter

Ukucazelana amaphuzu yikhona okubonakale kuwumphumela ofanele emdlalweni weDStv Premiership obuqhathe izimbangi zaKwaZulu-Natal iRoyal AM neGolden Arrows.

Lo mdlalo obuseChatsworth Stadium ngeSonto ntambama uphele zibambene ngo 0-0 okwenze lamaqembu awangasuka ezindaweni abehleli kuzo kwilogi.

Onozinti yibo abenze umsebenzi omkhulu wokuqinisekisa ukuthi akekho opjuma ekhala kulo mdlalo obungomunye webhekwe kakhulu kule mpelasonto.

Umdlalo bewumuhle futhi kubonakala ukuthi womabili amaqembu ayalifuna igoli kodwa ehluleka ukwakha amathuba acacile.

Nakulawo angatheni abevela bekungekho okwenziwayo ngawo nokwenze kwaze kwayiwa ekhefini zibambene kungekho goli.

Sezibuya esiwombeni sesibili bekucaca ukuthi abadlali bafakwe umoya ngesikhathi sekhefu indlela abese beshesha ngayo.

Kodwa yikho lokhu kushesha obekwenza umdlalo ugcine ungasalandelei kahle ngoba alikho iqembu ebelineminyakazo emihle.

Bekuvele kuthathwe ibhola kuthathelwe ngejubane kubhekwe emapalini obekwenza bese bephuceka kalula ibhola.

KUke kwamiwa isikhashana esiwombeni sesibili kwelashwa unozinti we-Arrows uNkosingiphile Gumede obelimalile.

Nokho ugcine ngokukhishwa indawo yakhe yathathwa uSifiso Mlungwana ofike waqhubeka la abegcine khona uGumede ngokuvimba amabhola uma kwenzekile eza ngakuye.

FUNDA NALA: OweSwallows uthi khona ozodliwa yizembe ngenxa yokukhulumela futhi

Yize umdlalo bewushesha ibhola liya ngapha nangapha kodwa amathuba abemancane futhi engekho acacile nongasola ngawo umgadli ukuthi uliyekile.

Bese ziphuthumana kakhulu ngasekugcineni futhi uPule Mmodi ucishe wayibeka ebuhleni i-Arrows ededela udalimede weshodi engaphandle kancane kwebhokisi leRoyal AM.

Nokho uRichard Nyame ukwazile ukudayiva walifica lelo bhola wabe eselichithela eceleni kwaba yikhona.

NoSedwyn George ubethi uyaqeda ngoMlungwana esikhathini esengeziwe kodwa wafica lo nozinti engafune lutho oluzothinta inethi yakhe.

EMAIL: Editor@impempe.com  | TWITTER: @impempe_com

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *