Zigejanile izinkunzi kwiNedbank Cup, iSundowns yazitholela ibriji

Zigejanile izinkunzi kwiNedbank Cup, iSundowns yazitholela ibriji
OkaDonga Gumbi

Izitholele ibriji lokudlulela emzuliswaneni olandelayo iMamelodi Sundowns njengoba iqhathwe neMathaithai FC ngesikhathi kuqhathwa amaqembu azogadulisana kwiNedbank Cup Last 16.

Bekubhekwe kakhulu lokhu kuqhathwa kwamaqembu njengoba abalandeli beSundowns bebefisa ukunikwa i-Orlando Pirates abaziyo ukuthi seyaphenduka isinkwa semihla kubo.

Nokho akwenzekanga lokhu njengoba iBucs inikezwe iMarumo Gallants okuwumdlalo ongeke ube lula kuyo kwazise ivukile njengoba sekukhona uDan “Dance” Malesela kuyo.

IMathaithai FC kufanele ukube iyaqhaqhazela lapho ikhona njengoba izobhekana neSundowns ecoboshisa kwasani ephambi kwayo kulezi zinsuku.

Kuzokhumbuleka ukuthi iSundowns yake yabukisa ngeqembu elisuka ezigabeni zeSafa ngesikhathi ishaya iPowerlines FC ngo 24-0.

FUNDA NALA: UBaxter akayizwa indaba kaNgcobo, uthi akekho ngcono kunabanye

Omunye umdlalo ozoheha ngozoba phakathi kweSwallows Fc neRoyal AM kwazise kunegqubu elikhona kulamaqembu.

ISwallows iyona eyaba ngeyokuqala ukuvulela isibhaxu kwiRoyal AM emdlalweni weDStv Premiership ngasekuqaleni kwesizini.

Isifiso sikanozinti weSummerfield Dynaoes uBongani Masoga asifezekanga njengoba benikwe iBlack Eagles esikhundleni seSundowns abethe uyayihalela.

Sekofanele basebenze ngokuzikhandla badlulele emzuliswaneni olandelayo ngethemba lokuthi bazogcina beficene neSundowns.

Imidlalo: Venda Football Academy v University of Pretoria; Swallows FC v Royal AM; Marumo Gallants v Orlando Pirates; Platinum City Rovers v SuperSport United; TS Galaxy v Baroka FC; Sinenkani FC v Tshakhuma FC; Summerfield Dynamos v Black Eagles; Mamelodi Sundowns v Mathaithai

editor@impempe.com

Leave a Reply

Your email address will not be published.