Zihlazekile izinkakha zeChiefs zingenawo umfaniswano weqembu

Zihlazekile izinkakha zeChiefs zingenawo umfaniswano weqembu
U-Abel Shongwe owayedlala kwiKaizer Chiefs
UDABA: Sihle Ndlovu
ISITHOMBE: Facebook 

Bahlazekile abadlali bakudala beKaizer Chiefs ngesikhathi bevakashele eMthonjaneni, eMelmoth ngempelasonto.

Lezi zinkakha zeChiefs bekuhlelwe ukuba zibhekane nozakwabo be-Orlando Pirates emdlalweni wobungani.

Lo mdlalo ubulindelwe ngabomvu izakhamizi zakule ndawo kodwa kugqame ukungahambi kahle kwezinto ohlangothini lwezinkakha zeChiefs.

IPirates ifike enkundleni igqoke kahle imifaniswano yayo (ama-track suit akwa-Adidas namateki akhona).

Bekucaca ukuthi iyiqembu eliphuma endaweni lapho lihlonishwa khona futhi elinakekelwayo ngezidingo.

Izinkakha zeBucs zifike ngesikhathi enkundleni kodwa zigcine zilinde inqwaba yamahora ingabonwa nangokhalo iChiefs.

Womabili amaqembu abelele Olundi kodwa umdlalo obekubhekwe ukuthi uqale ngabo 1 emini ugcine uqala ngo-4.30 ntambama.

Lokhu kubangwe ukuthi iChiefs ibingakafiki futhi kuthe uma isifika kwangekho nobonayo ukuthi izinkakha zaMakhosi sezithelekile.

Yilowo nalowo ubezigqokele ukuthanda kwakhe ungekho umfaniswano njengakwiPirates.

Bebefika behamba ngababili ngabathathu kucaca ukuthi akukho nje ukuhlangana.

Umthombo othembekile uvezile ukuthi yini ebangele lokhu kuleli qembu elihlonishwa kangaka nebelilindelwe izinkumbi zabalandeli kule ndawo.

“U-Abel Shongwe uyena obehlela indaba yezinkakha zeChiefs njengoba bezizovakashela eMelmoth.

“UShongwe wenze konke ngokwakhe akangaya kwiChiefs ukuthi ayothola izibusiso zeqembu,” kusho umthombo ongafunanga kudalulwe igama lawo.

“Njengoba ubona bengawagqokile nje ama-track suit yingoba abazange baye eNaturena ukuyokhuluma mayelana nalolu hambo.

FUNDA NALA: UMaluleka usecabanga ukushiya kwiSundowns

“Lokhu kuyiphutha likaShongwe ongayihloniphanga iChiefs, wazenzela izinto ngendlela yakhe.”

Omunye wabadlali bePirates ubeyihleka iChiefs ethi izigqokele ukuthanda kwayo bebe begqoke kahle bona.

“Uzobabona uma sebefika ukuthi bagqoke kanjani. Yilowo nalowo uzigqokele ukuthanda kwakhe,” esho ehleka.

Lo mdlalo ugcine uphele ngo 1-1 futhi kuthe ukubukeka uma iChiefs isidlala ngoba ibiligqokile ijezi elidala.

Kodwa ngaphandle kwalokho abadlali beChiefs bebengazisondezi kakhulu kubantu nobekwenza kube nzima nasezintathelini ukukhuluma nabo.

EMAIL: Editor@impempe.com | TWITTER: @impempe_com | FACEBOOK: Impempe SA

Leave a Reply

Your email address will not be published.