Ziholwa ‘omafavuke’ iTshakhuma phambili kwiGladAfrica Championship

Ziholwa 'omafavuke' iTshakhuma phambili kwiGladAfrica Championship
URhulani Manzini
UDABA: OkaDonga Gumbi
ISITHOMBE: Twitter

ITshakhuma Tsha Madzivhandila isivuke emathubeni yazithintitha qede yagxuma yahlal phezulu kwiGladAfrica Championship ngemuva kwemidlalo yokuqala ngoMgqibelo.

Leli qembu laseVenda lihlanganiswe ngemizuzu yokugcina njengoba lithenge isitifiketi seRoyal AM ngempelasonto edlule.

Bese iphelile indaba yalo kulandela ukudayisa kwalo isitifiketi salo seDStv Premiership maphakathi nesizini edlule.

Lokhu kwakwenzeke kade ligile izimanga lithenga eseBidvest Wits ngendlela eyashiya abantu abaningi bengagculisekile futhi becasukile.

ITshakhuma ishintshiwe igama kwiPremiership kwaba yiMarumo Gallants. Kodwa isibuyile kanti yiyo ezihola phambili kwiChampionship.

Lokhu kulandela ukuthi ishaye iCape Town All Stars ngo 3-1 ngoMgqibelo ntambama. Ibuye kade ilandela ngemuva ngo 1-0.

FUNDA NALA: IPirates iphinde yadavuza ibanjwa yiStellies kwiDStv Premiership

Ukubuya kwayo kuqalwe uTebogo Reed oshaye igoli lokulinganisa sekubalwa amanenjana kuyiwe ekhefini.

Ibeseyihamba phambili ngomzuzu ka-53 ngegoli likaLebogang Mlangeni. ILitholile igoli lesithathu kodwabesingakakwazi ukuthola ukuthi lishaywe ubani.

Njengoba kuyiyo eshaye amagoli amaningi, iqhwakelile kwiChmapionship kanti ilandelwa yiTS Sporting yaseMpumalanga.

Imiphumela: Black Leopards 1 Polokwane City 1; Hungry Lions 0 Uthongathi 0; JDR Stars 1 University of Pretoria 0; TTM 3 CTAll Stars 1; TS Sporting 1 Pretoria Callies 0

Imidlalo yangeSonto: CT Spurs v Venda Football Academy; FS Stars v Platinum City Rovers; Jomo Cosmos v Richards Bay

EMAIL: Editor@impempe.com | TWITTER: @impempe_com | FACEBOOK: Impempe SA

Leave a Reply

Your email address will not be published.