Zijikile izinto, iChiefs yangena nezicabha kwiTop 8

Kaizer Chiefs make top 8 finish
UDABA: OkaDonga Gumbi
ISITHOMBE: Twitter

Zijikile izinto futhi iKaizer Chiefs ilivikile ihlazo lokuqeda ngaphandle kweTop 8 okwesithathu emlandwnei waleli qembu. Amakhosi azijike ngasekugcineni izinto njengoba ebeke abonakala eshela izembe.

Kodwa ukushaya kwawo iGolden Arrows ngolwesithathu, neTS Galaxy ngo 1-0 ngoMgqibelo eMbombela Stadium sekulibekje endaweni ehloniphekile leli qembu laseNaturena.

Inndlela izinto ebezibhimba ngakhona kuze kwaxoshwa obengumqeqeshi, uGavin Hunt sekusele imidlalo emibili isizini isongwe. Lokhu kubonakala kusebenzile ke ngoba u-Arthur Zwane noDillon Shepard basayinqobe yomibili imidlalo abayidlalile bengamabamba.

Umdlalo uqale ngesivinini esihle, zithengana ingekho egodle amandla. Womabili lamaqembu awatholile amathuba ngasekuqaleni kodwa abengekho abecace kahle. Igoli lize lavela ngomzuzu ka-26, ngesikhathi uSamir Nurkovic engqofela Phakathi ibhola ebeligotshwe ngakwesokunxele.

Yilo leli goli eligcine libe ngelokuwina. ITS Galaxy izamile ukubuya esiwombeni sesibili kodwa uyafica uBruce Bvuma engavumi lutho emapalini eChiefs. Lo nozinti uvimbe kahle futhi uqokwe njengomdlali obevelele kulo mdlalo.

Njengoba seyiqedile ngemidlalo yeDStv Premiership, iChiefs isizogxila kahle emkhankasweno wayo wokudla isicoco esikhulukazi ebholeni lase-Afrika, iCAF Champions League.

Amakhosi asengene esigabeni somidlalo eyandulela owamanqamu kulo mqhudelwano oqhatha izinkunzi zasezwenikazi. IChiefs izogadulisana neWydad Athletic yaseMorocco ngoJuni 15 emlenzeni wokuqala ekuhambeni.
Email: Editor@impempe.com
Twitter: @impempe_com
Facebook: Impempe SA

Leave a Reply

Your email address will not be published.