Zikhanya bha izinto zeRoyal AM kwiDStv Premiership

UJohn Maduka noMxolisi Macuphu
Sihle Ndlovu

Ibukeka isazozuza lukhulu iphinde imangaze abaningi iRoyal AM eyenza ezibukwayo kwiDStv Premiership, ngesizini yayo yokuqala.

Leli qembu liyibambe endaweni yesibili kwilogi yeDStv Premiership njengamanje, nokuyinto ebingalindelwe yimuntu njengoba sekusele imidlalo eyisishiyagalombili kusongwe isizini.

Ukudlala kahle kweThwihli Thwahla kwenze umqeqeshi wayo, uJohn Maduka, nomdlali uMxolisi Macuphu, bathola imiklomelo iDStv Coach of the Month, neDStv Player of the Month. Le miklomelo ekaFebhuwari noMashi.

Lona ngumklomelo wokuqala ngqa kaMaduka kwiPremiership kusukela ngo-2020 neBloemfontein Celtic. Lo mqeqeshi odabuka eMalawi wehlule uDan Malesela ocija iMarumo Gallants, u-Eric Tinkler oqeqesha iCape Town City, ‘namadoda amabili’ eMamelodi Sundowns, uRulani Mokwena noManqoba Mngqithi.

NgoFebhuwari nangoMashi iThwihli Thwahla iqoqe amaphuzu angu-11 emidlalweni emihlanu. Ishaye iSekhukhune United ngo 1-0, yadlala ngokulingana ngo 2-2 neChippa United.

IRoyal AM ibe isilandelisa ngokushaya iSuperSport Unite ngo 2-0, kwathi ngoMashi yashaya iSwallows FC ngo 1-0. Ivale ngokubambana neStellenbosch FC ngo 2-2. Kwemithathu yale midlalo ayizange ingenelwe yigoli.

Ngasohlangothini lukaMacuphu, ushaye amagoli amane kule midlalo emihlanu edlalwe yiThwihli Thwahla. Lokhu kulisize kakhulu iqembu ukuthi lihlale kunombolo 2 kwilogi.

IRoyal AM inethuba elihle lokudlala imidlalo yeCAF ngonyaka ozayo, njengoba isekhona nakwiNedbank Cup. Uma ibambelela endaweni yesibili izodlala kwiCAF Champions League.

Ukuqeda endaweni yesithathu kuzoyenza ukuthi idlale kwiCAF Confederation Cup, kanti nokuwina iNedbank Cup kungayenza ukuthi idlale lo mqhudelwano. Lokhu kukhombisa ngokusobala ukuthi ziyakhanya izinto zeRoyal AM kule sizini yePremiership.

IThwihli Thwahla izovakashela iTS Galaxy, ezama ukubalekela izembe, emdlalweni weligi eMbombela Stadium, ngoMgqibelo ngo-3 ntambama.

editor@impempe.com

Leave a Reply

Your email address will not be published.