Zikhiphane inkani kodwa ayikho egobe uphondo kwiGalaxy neChiefs

Zikhiphane inkani kodwa ayikho egobe uphondo kwiGalaxy neChiefs
UMBIKO: OkaDonga Gumbi
ÏSITHOMBE: Twitter

Zigadlane zaze zabukana zanquma ukucazelana ngaphuzu ingekho efuna ukugoba uphondo phakathi kweTS Galaxy neKaizer Chiefs.

Lamaqembu asenomlando ohehayo phakathi kwawo yize iGalaxy iseneminyakana nje yasungulwa ekubeni iChiefs isingaphezu kuka-50.

Bekulindelwe ukuba kuqhume izinhlansi kulo mdlalo weDStv Premiership obuseMbombela Stadium ngeSonto kusihlwa.

Kufanele ukuthi womabili lamaqembu azolamukea iphuzu alitholile kwazise umdlalo ubuwugingqigongqo kungacaci uyangaphi.

Umdlalo uqale kwavele kwacaca ukuthi zizodlana imilala ngamacebo abaqeqeshi. ITS Galaxy beyivala izikhala ingabavumeli abadlali beChiefs ukuthi babe sebholeni isikhathi eside.

Lokhu bekuqinisekisa ukuthi iChiefs ayikwazi ukuhlanganisa iminyakazo ephusile yokuhlasela noma ukugcina ibhola.

Yingakho ke namathuba abeyivela kancane kulo mdlalo esiwombeni sokuqala. Empeleni nje alikho ithuba elicacile elakhiwe ngaphandle uma ungabala umzamo Samir Nurkovic maphakathi nesiwombe.

Nawo kodwa bekungebhola elitheni futhi alizange limxake unozinti omusha weGalaxy, uVasilije Kolak obukeke engunozinti omuhle.

Nayo iRockets beyingakwazi ukusebenzisa icelo layo lokuhlasela ngokuzumisa kwazise umdlalo bewusinda ndawo zombili.

Nokho ke okwayo kuyaqondakala ngoba bekuwumdlalo wayo wokuqala futhi kunabadlali abathathu abaqalayo ukudlala.

Labo bekungoKolak. Igor Makitan no-Augustine Kwem okhishiwe ekuqaleni kwesiwombe sesibili kwangena uMohammed Anas endaweni yakhe.

FUNDA NALA: ISwallows iyishwebise isithembile iRoyal AM

NeChiefs izenzile izinguquko ikhipha uNurkovic kwangena uKeagan DOlly endaweni yakhe njengoba beyisishintsha icebo ifuna ukungena ngqo odongeni lweGalaxy lwasemuva.

Nokho kusheshe kwacaca ukuthi cishe ayikho ezogoba uphondo kulezi zinkunzi njengoba bezigadulisana okwangempela.

EMAIL: Editor@impempe.com | TWITTER: @impempe_com | FACEBOOK: Impempe SA

Leave a Reply

Your email address will not be published.