Zikhomba ukungeneliseki komqeqeshi izinguquko zeSharks

Cell C Sharks Yaw Penxe
UYaw Penxe
UDABA: Sihle Ndlovu
ISITHOMBE: Twitter

ICell C Sharks yenze izinguquku ezinqala njengoba izobhekana ne-Emirates Lions emdlalweni obalulekile weRainbow Cup SA ngoMgqibelo. Lokhu kushintsha izinto komqeqeshi, uSean Everrit, kukhombisa ukuthi akeneme ngendlela abadlale ngayo emidlalweni emibili edlule.

ISharks ike yathelwa ngehlazo yiVodacom Bulls iyishaya ngo 43-9. Ushintsho oluqapheleka kakhulu ukufakwa kukaMakazole Mapimpi ophondweni kunombolo 11, ngemuva kokubuya kwakhe eJapan lapho ebedlala khona.

Ngaphandle kwalokho u-Everrit uyishintshe yonke ifront raw yakhe. UNtuthuko Mchunu, Kerron van Vuuren noWiehahn Herbst, bazongena endaweni ka-Ox Nche, Fez Mbatha noThomas du Toit, abazodlala besuka ebhentshini, ngasekugcineni komdlalo.

Kolunye ushintsho kukhona uHyron Andrews ozongena endaweni kaReniel Hugo, kanti uJames Venter ubuyile naye ngemuva kokuhlala isikhathi eside engadlali ngenxa yokulimala. UPhephsi Buthelezi uzodlala kunombolo 8 njengoba uThembelani Bholi ezoqala ebhentshini. UHenco Venter nguyena ozoba ngukaputeni njengoba uLukhanyo Am ezobe engekho.

Emuva uMannie Libbok uzongena endaweni kaCurwin Bosch kunombolo 10, kuthi uYaw Penxe avale isikhala sikaS’bu Nkosi olimele. Endaweni ka-Am kuzongena uWerner Kok, kanti ushintsho lokugcina oluka-Anthony Volmink ozothatha indawo ka-Aphelele Fassi kunombolo 15.

ISharks iya kulo mdlalo kulandela ukushaywa imidlalo emibili kulandelana kulo mqhudelwano. Ngakolunye uhlangothi iLions isanda kushaya iVodacom Bulls emzuliswaneni odlule. IBulls iyona ezihola phambili kwilogi, kanti isazovakashela iSharks emdlalweni olandelayo emzuliswaneni wokugcina.

Email: Editor@impempe.com
Twitter: @impempe_com
Facebook: Impempe SA

Leave a Reply

Your email address will not be published.