Ziningi izesheli ezibheke ukuthi uMahlambi ahlukane neSundowns zigxume

Ziningi izesheli ezibheke ukuthi uMahlambi ahlukane neSundowns zigxume
UPhakamani Mahlambi
UDABA: Sthembiso Ngobese
ISITHOMBE: Twitter

Ngeke aliswele iqembu uPhakamani Mahlambi uma kwenzeka iMamelodi Sundowns imchitha. Lokhu kushiwo yimenenja yalo mdlali, uGlyn Binkin.

UBinkin ubeohendula imibuzo ngemuva kokusabalala kwamahlebezi okuthi uMahlambi akekho ezinhlelweni zabaqeqeshi beSundowns abaholwa nguManqoba “TV” Mngqithi.

Ngesizini edlule, uMahlambi ubebolekiswe kuMaZulu FC ngenhloso yokuthi ayovuselela ibhola lakhe kwazise kuleli qembu lasePitoli ubeqiwa yijezi.

Kodwa okubukeka kuyikho okumphazamisa kakhulu lo mdlali ukuziphatha kwakhe uma esengaphandle kwasenkundleni.

Inkontileka kaMahlambi neSundowns iphela ngoJuni wonyaka ozayo. Ekhuluma ngesimo uMahlambi abhekene naso, uBinkin uthe njengamanje balindele ukuthi kube yiSundowns ethatha isinqumo ngekusasa.

“Njengamanje uMahlambi usengumdlali weSundowns kwazise usanenkontileka nayo ezophela ngoJuni wonyaka ozayo. Ngakho-ke konke kusezandleni zayo ukuthi imisa kanjani ngekusasa lakhe.

“Kodwa ngingakuveza ukuthi uma engekho ezinhlelweni zayo kule sizini, ngeke nakancane aliswele iqembu azogijima kulo ngesizini ezayo.

“Lokhu kungenza yokuthi maningana amaqembu adlala kwiDStv Premiership abuza ngesimo sakhe,” usho kanje uBinkin.

UMahlambi, owake wathishwa nguGavin Hunt kumasizini ambalwa edlule ukuthi uzohamba ezinyathelweni zikaBenni McCarthy, ufike kwiSundowns kwisizini ka-2018/19 kubhekwe lukhulu kuye.

Ubebuya kwi-Al Ahly okuyizinkunzi zase-Egypt ngaleso sikhathi, kodwa nokho izinto zafika zangamhambela kahle ngaphansi kukaPitso “Jingles” Mosimane obeqeqesha amaSandawana ngaleso sikhathi.

FUNDA NALA: UKhune ubuyiseliwe esikhundleni sobukaputeni kwiChiefs

Yingakhoke kugcine ngokuthi asiselwe oSuthwini kodwa nakhona kwafike kwanhlanga zimuka nomoya kwazise udlale imidlalo emine nje vo ngaphansi kukaMcCarthy.

Phakathi kwamaqembu eDStv Premiership okubikwa ukuthi asiqaphe ngeso lokhozi isimo sikaMahlambi kukhona iChippa United ecijwa ngumqeqeshi wakhe omdala uHunt, neTS Galaxy.

EMAIL: Editor@impempe.com | TWITTER: @impempe_com | FACEBOOK: Impempe SA

Leave a Reply

Your email address will not be published.