Ziphathiswe okwezivakashi ezingadingeki izintatheli kwiLegacy Cup

Ziphathiswe okwezivakashi ezingadingeki izintatheli kwiLegacy Cup
Alfred Ngubane 

Izintatheli ziphathiswe okwezifika namthwalo kwiPrince Mangosuthu Legacy Cup Olundi ngempelasonto edlule nokwenze kwaba nzima kuzo ukwenza umsebenzi wazo ngendlela eyiyo.

Izinkinga ziqale ngokuthi enye yezintatheli icele ukuthathwa endaweni lapho ihlala khona kodwa abahleli bavele bayishaya indiva.

Kuphethe ngokuthi ihoxe kulo mqhudelwano. Izintatheli zihambe ekuseni zashiya imindeni yazo ziphuma zingadlile.

Zifike Olundi zahlala kungekho muntu ozemukelayo, zaphinda zadibana nengwadla yokunganakwa nangokuya ethunjini.

Kwenzeka konke lokhu nje bezimenyiwe, kwathiwa zizolungiselwa nemoto ezizohamba ngayo ukuya kulo mqhudelwano.

Kuthe sekumele ziye laph bezizolaliswa khona, zaphonswa endaweni ekude nalapho zifike zagqinqa emnyango isikhathi eside emakhazeni kwavela ukuthi bezingabhukhelwanga.

FUNDA NALA: Uzizwe ebalulekile uMotaung ehlonishwa yinyuvesi

Abahleli bathe izintatheli azivele zibuyele endaweni la bekunomcimbi wokubungaza le midlalo ngesidlo sakushihlwa kodwa zenqaba.

Ziphinde zabhekana nenye inkinga enkundleni zixoshwa ngesikhathi zibizelwa ukuthi ziyomaya, zagcina ngokuthi zingadli.

Lolu hambo lufana nohambo olumnyama ezintathelini ezinye zazo ebezisuswe eGoli, kodwa zahamba sezibabaza ubuhlathi nempakamo yabahleli.

editor@impempe.com

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *