Ziphunyuke nephuzu iZinyoni kunoxhaka weCeltic

Abadlali beCeltic bejabulela igoli

SIHLE NDLOVU

Iqhubekile nokuhlala endaweni yesihlanu kwi-log iSwallows FC ebambane neBloemfontein Celtic ngo 1-1 emdlalweni weDStv Premiership, eDr Molemela Stadium, ngoLwesibili.

Ukuwina kweZinyoni bekuzozenza zinyukele endaweni yesithathu kodwa zahluleka zancama ukuthola amaphuzu amathathu.

La maqembu abukeke engekho bukhali kulo mdlalo futhi bekubukeka sengathi ayasabana. Mhlawumbe lokhu kwenziwa ukuthi imidlalo yeligi seyiya ngasemaphethelweni ngakho alikho iqembu elifuna ukulahla amaphuzu.

Isiwombe sokuqala asibanga nezigameko kakhulu njengoba amaqembu engawakhanga amathuba amaningi okushaya amagoli. Ngasekuqaleni komdlalo kuke kwazama uNdumiso Mabena weCeltic kodwa womabili amabhola akhe aphuma phezu kwamapali.

Ngomzuzu ka-22 uMabena ugcine ekhishiwe ngemuva kokukhala ngobuhlungu ethangeni. Ibhande likakaputeni lisale kuLucky Baloyi.

Kuthe ngaphambi kancane kokuthi ziye ekhefini iCeltic yacishe yalishaya phakathi kodwa ibhola likaBaloyi langafuna ukuqabula inethi, kanti umdlali osebenzile uNjabulo Ngcobo ekhipha ibhola selidlulile kunozinti. Ziye ekhefini zibambene ngo 0-0.

Isiwombe sesibili siqale kuyiSwallows ebizama ukuhlasela izama ukuthola igoli.

Lokhu kuholele ekutheni igcine ilitholile igoli ngomzuzu ka-55 elishaywe uKgaogelo Sekgota. Kube yiphutha elenziwe yiCeltic emuva eliholele ekutheni uSekgota ashaye igoli. Nokho ngumzuzu ka-60 ibuyile iCeltic yashaya igoli lokulinganisa elize noNeo Maema.

Ngemuva kwalokho womabili amaqembu azamile ukuthola igoli lokuwina kodwa kwangalunga uma esefike emapalini.

yokugcina iPhunya Sele Sele ibukeke iyingozi kodwa kwagcina kungekho okutheni ekwenzile. Ukudlala ngokulingana kweCeltic kuchaza ukuthi nayo ngeke inyakaze endaweni ka-11 ehleli kuyona.

Email: Editor@impempe.com

Twitter: @impempe_com

Facebook: Facebook SA

Leave a Reply

Your email address will not be published.