Zithembisana induku ezikaTshatha ezizozwana amandla nezikaSangweni

USiyabonga Sangweni
Alfred Ngubane 

Kuzosuphuka izidindi, kundize amaphepha kusale amakhadibhokisi uma sekugadulisana iMC Tshatha XI neRichards Bay Masters eholwa nguSiyabonga Sangweni wodumo kwi-Orlando Pirates.

Lo mdlalo uzoba seRichards Bay Sports Complex ngoMgqibelo kanti usuhehe abathandi bezemidlalo abaningi abakhombisa uthando lokuyozibukela bukhoma.

IMC Tshatha X1, eholwa ngumsakazi woKhozi FM uKhathide “Tshathugodo” Ngobe, icelwe inselelo nje seyibhubhisile emaqenjini ehlangana nawo.

Ngokuthola kweMpempe, uSangweni – owayengukaputeni wePirates wadlala nakwiBafana Bafana – akakuthandanga ukuchoma kwezikaTshatha wabe esefaka inselelo.

Iqembu likaTshatha lisuke libophele osaziwayo bakuleli kusuka kubaculi kuya kubasakazi. Kulokhu kuzobe kukhona oSibongiseni Shangase osakaza ibhola oKhozini.

Kuzobe kukhona noReggie “Mapensela” Ndlovu olisakaza kwiSuperSport TV, uSomnyama Khumalo ofunda izindaba oKhozini, uNtencane Zondi noBig Zulu abangabaculi.

FUNDA NALA: UTinkler uncoma umgadli wakhe omusha athi akalibheki ipali

UShangase usethembise abalandeli ukuthi bazophuma bengawuvali umlomo ngenxa yezinga elikhonjiswa ngabagadli bakhe.

“Bazobona inti yamehlo. Phela siphethe uNtencane ongalibheki ipali kanti kumanje uzilolonga noMvoti FC odlala kwi-ABC Motsepe League.

“Uwakhuphule kakhulu amasokisi njengoba engalibheki nje ipali,” kusho uShangase.

USangweni yena kuthiwa akafuni ukuphumela obala ngokuthi kuzobe kukhona obani eqenjini lakhe njengoba esaveze uJomo Gumede kuphela.

Nokho Impempe izwa ngandlebenye ukuthi kungase kube khona nabanye ababelidlala kudala okuzokwenza lo mdlao ushube kakhulu.

editor@impempe.com

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *