Zithikamezekile izingane ezibanjiswe udonga umasipala waseMsinga

Kusemnyama ebusweni benkawu kumawele akwaDladla angabagijimi abasebancane oSamukelisiwe noNikeziwe baseMsinga
USamukelisiwe noNikeziwe Dladla
UDABA: Alfred Ngubane
ISITHOMBE: Twitter

Kusemnyama ebusweni benkawu kumawele akwaDladla angabagijimi abasebancane oSamukelisiwe noNikeziwe baseMsinga kulandela ukungafezwa kwezethembiso zokubaxhasa.

Izithembiso zemeya yaseMsinga zokuthengela lamawele amateku okusubatha nezinye izinsiza kuze kube manje azikafezwa.

Ngokuthola kweMpempe ngomthombo wayo le meya yabathembisa ukubaxhasa nangemali ebathembisa uR2 500 ngamunye.

Kodwa abasondelene nalezi zingane kuze kube zisabanjiswe udonga futhi ziyabalisa njengoba kuthenjiswa izingane kodwa zibanjiswe amaqubu esikhova sezithembile.

Kuthiwa lamawele ahlala njalo ebalisa ngokungatholi isipho ayethenjiswe sona ngumeya.

“Sekunzima nokuya kojima ngenxa yokungathembeki kwemeya yaseMsinga. Sezivele zaphoxeka izingane ngoba bese zithembile ukuthi zizokhula kulo mdlalo,” kusho lo mthombo.

Nokho kubonakala isifiso salamawele sokuba ngabasubathi abaphambili kuleli nasemhlabeni sizogcina sifezekile.

Impempe ithole ukuthi kunabathungatha amakhono asebeqalile ukuwalandela lamawele kusukela enza kahle kwiPrince Mangosuthu Ultra Marathon.

FUNDA NALA: Amawele asemancane agile izimanga kwiMangosuthu Marathon

Zazigijima ibanga lika-10 km kodwa zingacathulele njengoba zingenawo amateku afanele okugijima imijaho efana nalona.

Lezi zinganyana ezineminyaka engu-13 zaphuma kubasubathi abayishumi bokuqala esigabeni sabesifazane kulo mjaho.

Ngemuva kwalokho baphinde benza kahle nakwiMsinga Half Marathon okuyilapho ke izithembiso zokubasiza zaqhamuka khona.

EMAIL: Editor@impempe.com  | TWITTER: @impempe_com

Leave a Reply

Your email address will not be published.