Ziyakhala manje Baxman, kusho umlandeli weChiefs bevulelwa izinkundla

Ziyakhala manje Baxman, kusho umlandeli weChiefs bevulelwa izinkundla
OkaDonga Gumbi

IKaizer Chiefs seyizwakalise ukusamukela isimemezelo sePSL sokuvulelwa kwabalandeli ezinkundleni kuleli kulandela isikhathi eside bengavunyelwe ngenxa yemithetho yokunqanda iCovid-19.

Kodwa njengoba lolu khuvethe lukhombisa ukudamba imithetho seyixegisiwe kancane nomnyango wezemidlalo wathi ingxenye seyingavunyelwa ezinkundleni, amehlo abesebheke iPSL.

Iphawulile ke ngoLwesibili ngalokhu yathi bazovulelwa abalandeli kusukela ngemidlalo yeNedbank Cup ngo-April 8 no-9.

IChiefs ibe seyishicilela isisatimende yamukela lokhu, yathi seyijahe ukubamukela abalandeli ngo-Ephreli 16 emdlalweni wayo neSuperSport United. 

“Siyasamukela isimemezelo sePSL ngokubuyela kwabalandeli ezinkundleni. Sesikubheke kakhulu ukuba nani eFNB Stadium ngo-Ephreli 16 sesibhekene neSuperSport United. 

“Lonke ulwazi ngezinhlelo zalo mdlalo nokudayiswa kwamathikini sizoludalula ngokuhamba kwesikhathi,”  ibhale kanje iChiefs. 

Iningi labalandeli likuthathe lokhu njengenselelo yokuba bayozixoshela bona mathupha umqeqeshi uStuart Baxter abangasamuzwa kahle.  

FUNDA NALA: UBenni ubesephenduke umama wengane owaliwayo kubaphathi boSuthu

Ephendula, uMike Msani ubhale wathi: “Hola lapho Baxman. Ziyakhala ke manje”. 

Abanye beluleke iqembu ukuba liqinise kakhulu ezokuphepha ngalelo langa ukwenzela ukunqanda izimo ezimbi nezingafaka iqembu ehlazweni. 

“Niziqinise ke ezokuphepha komqeqeshi okunguyena ohamba phambili kwiPSL. Bafuna ukumudla luhlaza laba,”  kusho u-@Ama_thegreat. 

U-@Ta_Size ufake isithombe esisematheni kulezi zinsuku la umlingisi waseMelika uWill Smith ahlasabula usomahlaya uChris Brown ngolabhabha wempama emcimbini wama-Oscars ngeSonto.

Ube esesiphelezela ngombhalo othi: Sesimlungele vele (uBaxter)…” 

U-@lufunosjambo (Lufuno Maombe) uphendule wathi: “Izifiso zethu sezizwakele, njengoba nina nehluleka ke nje ukuxosha lo plumber wenu, sizonisiza.

“Sikhathele ukwenziwa izilima, ngebhadi anizilalelanga izikhalo zethu lapha kwiTwitter.”  

U-@Gladwin_Ngoepe uphendule ngesithombe esiveza owesifazane ophethe insilane eme eduze kukaBaxter wabe esebhala ukuthi: Sesikhona, luphelile usizi”. 

editor@impempe.com

Leave a Reply

Your email address will not be published.