Ziyaqongelana izinkinga kwiChiefs elinyalelwe wonozinti

UBruce Bvuma

SIHLE NDLOVU

IKaizer Chiefs izofika ixhugela emdlalweni weDStv Premiership ezowudlala neTshakhuma Tsha Madzivhandila ePeter Mokaba Stadium, ngoLwesibili ngo-5 ntambama.

Lo mdlalo ubaluleke kakhulu kuMakhosi azama ukuzitholela indawo kwiTop 8 njengoba sekuzosongwa isizini engazange ibe yinhle neze kuwo.

IChiefs isendaweni yesishiyagalolunye kwilogi ngamaphuzu angu-29 emidlalweni engu-25.

Unozinti u-Itumeleng Khune ngeke abe khona kulo mdlalo ngenxa yokuthinteka ehlombe, kanti noDaniel Akpeyi uzobe engekho njengoba eshayeke ekhanda bebhekene neBloemfontein Celtic.

Lokhu kuchaza ukuthi kuzobe kukhona uBruce Bvuma ezintini zeChiefs.

Abanye abadlali abengeke babe khona kulo mdlalo nguMulomowandau Mathoho othinteke iqakala bebhekene neCeltic, noLebohang Lesako olimele edolweni.

Ngenhlanhla uNkosingiphile Ngcobo noHappy Mashiane kutholakale ekugcineni ukuthi bakulungele ukudlala uma iqembu selibhekene neTshakhuma. Nabo laba badlali bebethintekile.

NoDaniel Cardoso uzobe engekho njengoba emisiwe kulandela ukuthola ikhadi eliphuzi lesine bebhekene neCeltic.

Emdlalweni odlule iChiefs idedele amaphuzu isiwaphethe ngesandla ngesikhathi ivumela ukudlala ngokulingana ngo 2-2 neCeltic ngoMgqibelo. Yilapho kulimale khona u-Akpeyi noMathoho.

Imidlalo isiyaphela futhi izinto zilokhu zibukeka zingahambi kahle kwiChiefs kweyeligi yize yenza kahle kwiCAF Champions League.

Ngemuva komdlalo wangoLwesibili iChiefs izobhekana neSwallows FC ngoMeyi 12 eFNB Stadium. Sekuhlaluke kaningi ukuthi iChiefs akuyihambeli kahle kule sizini uma idlalela ekhaya.

Kuzothi ngoMeyi 18 ivakashele iBlack Leopards eThohoyandou Stadium okungumdlalo ongeke ube lula nakancane.

NgoMeyi 26 Amakhosi azobhekana neLamontville Golden Arrows eFNB Stadium, kanti azovala imidlalo yeDStv Premiership ngokutholana phezulu neTS Galaxy eMbombela Stadium, ngoMeyi 29.

Ngasohlangothini lweTshakhuma kulindeleke ukuthi ilwe ngoLwesibili ngoba izama ukubalekela izembe.

Amaqembu asenkingeni yezembe ayingozi kakhulu ngalesi sikhathi sesizini. ITshakhuma isendaweni yesibili ukusuka emsileni ngamaphuzu angu-22 emidlalweni engu-24.

Ukuwina kungenza ibe ngaphezulu kweChippa United enamaphuzu angu-24 endaweni yesithathu ukusuka emsileni.

Email: Editor@impempe.com
Twitter: @impempe_com
Facebook: Impempe SA

Leave a Reply

Your email address will not be published.