Ezakamuvai-Currie Cup

ISharks XV izodlalela ukusiza uJeremy Swan koweCarling Currie Cup

SIHLE NGUBO

I-Hollywoodbets Sharks XV ibuyela KwaZulu-Natal ngemuva kokudlala omunye wemidlalo emihlanu yeCarling Currie Cup ekuhambeni, njengoba izokwamukela iFidelity ADT Lions, eWoodburn Stadium, eMgungundlovu, ngoLwesihlanu ngo-7.15 ebusuku.

Selokhu uqalile umqhudelwano imidlalo iza nenselelo enkulu kule sizini, kodwa iSharks XV izozama ukusebenzisa ithuba lokwenza kahle phambi kwabalandeli bayo.

Umdlalo wangoLwesihlanu uyisipesheli njengoba konke okungamasentshana azotholakala kuwona, kuzonikwa umndeni wakwaSwan, ukuze kusizakale uJeremy Swan.

Lo mdlali walimala kubuhlungu entanyeni ngesikhathi edlalela iMaritzburg Rugby Club, ibhekene ne-Amanzimtoti Rugby Club ngoJulayi 11. Lokhu kuyishintshe kakhulu impilo yakhe.

ISharks imema abalandeli ukuthi beze ngobuningi babo kulo mdlalo okulindeleke ukuthi ushube eMgungundlovu.

Umqeqeshi weCarling Currie Cup, uMike Vowles, wenze ushintsho eqenjini lakhe ebelibhekene neGriquas ngempelasonto edlule.

UPhiwayinkosi “Rambo” Kubheka uzoqala endaweni kaJaco du Toit, kanti uSimphiwe Ngobese uzongena endaweni kaLee-Marvin Mazibuko kwi-tighthead.

UDeon Slabbert uzobuyela eqenjini kwi-lock, kuthi uMeno Barnard aye kwi-flank. UJean-Henri Smit uzongena kwi-scrum bese uTino Mavesere aye kunombolo 8.

UVowles wenze ushintsho lwaba lunye emuva, eshintsha uJanco Purchase no-Albie Bester.

ISharks XV ishaywe yiGriquas, ezihola phambili kwilogi yeCarling Currie Cup, ngo 55-21, okuyenza ihlale endaweni yesikhombisa kwilogi.

Ngakolunye uhlangothi iLions isendaweni yesihlanu futhi isenethemba lokungena kwayandulela owamanqamu kulo mqhudelwano.

I-Hollywoodbets Sharks XV ibophele kanje:

1. Phiwayinkosi “Rambo” Kubheka

2. Liam van Wyk

3. Simphiwe Ngobese

4. Johan Momsen

5. Deon Slabbert

6. Jean-Henri Smit

7. Meno Barnard

8. Tino Mavesere

9. Ross Braude (ukaputeni)

10. Tim Swiel

11. Khuthi Rasivhaga

12. Janco Purchase

13. Lyle Matthews

14. Christie Grobbelaar

15. Luan Giliomee

Ebhentshini:

16. Jacques Marais

17. Jaco du Toit

18. Dian Heunis

19. Danio Botha

20. Wasi Vyambwera

21. Juan Loots

22. Siya Masuku

23. Albie Bester