Umqeqeshi weSundowns uzwakala esenengekile yindaba kaSaleng
SIHLE NGUBO
Uzwakala esekhathele futhi enengekile umqeqeshi weMamelodi Sundowns, uMiguel Cardoso, yindaba kaMonnapule Saleng onezinkinga naleli qembu laseChloorkop.
Emasontweni edlule kuvele ukuthi uSaleng usephule imithetho yeqembu kaningi, futhi ukhombisa ukuba nekhanda eliluhlaza.
Kuvele ukuthi uSaleng akasalubhadi ejimini nokuyinto ake ayenza esagijima kwi-Orlando Pirates.
Lo mdlali ubefakiwe esikwatini seSundowns ebisiyodlala umlenze wesibili kowamanqamu weCAF Champions League kodwa wangalubhada eMorocco.
Akugcinanga lapho njengoba uSaleng ephinde wenqaba ukuhamba neqembu ukuyolungiselela isizini entsha e-Austria.
UCardoso uke waqinisekisa ukuthi uSaleng useziqeqesha yedwa ngoba wephula imithetho yeqembu njalo.
Nokho kulokhu lo mqeqeshi uzwakale enengekile ngesikhathi ebuzwa ngoSaleng esithangamini nabezindaba ngoLwesine.
“Angifuni ukukhuluma kakhulu ngalokho njengamanje ngoba into kaSaleng ithinta iqembu hhayi umqeqeshi,” kusho uCardoso.
“Akukaze kube yinto unomqeqeshi. Bekungumdlali esimnika konke.
“Sizamile ukumphusha simfake eqoqweni (labadlali), endleleni iqoqo elenza ngayo izinto, nokuthi umdlali webhola elikhokhelayo kumele aziphathe kanjani, isimo somqondo umdlali webhola elikhokhelayo okumele abe naso.
“Cabanga nje uziqeqesha isonto lonke ngendlela ejwayelekile bese ufake igama lakhe ohlini. Ngosuku esimlindele ngalo ebhasini akafiki.”
Indlela achaza ngayo uCardoso abukeki sisazolungiseka isimo phakathi kweSundowns noSaleng.
“Lezi zinto azenzekanga kanye, azenzekanga kabili, kathathu noma kane…ukuba owokogcina ukufika bese kube nguwena ohamba kuqala,” kusho uCardoso.
“Kunzima ukuba nesimo sokuzama ukuthuthukisa umdlali. Ngicabanga ukuthi uveze konke kwabezindaba ukuthi sizamile ekuqaleni ukumnika uthando, inqwaba yalo…”
ISundowns izobhekana neLamontville Golden Arrows emdlalweni owandulela owamanqamu weMTN8, eLucas Moripe Stadium, ngeSonto ngo-3 ntambama.
Lona kuzobe kungumlenze wokuqala kanti umlenze wesibili ungempelasonto ezayo eKing Zwelithini Stadium, eMlaza.
UCardoso uphinde waveza ukuthi umdlali wasemuva, uKhuliso Mudau, uzohlala izinyanga eziyisithupha engalithinti ibhola kulandela ukudonseka umsipha ngoLwesithathu.

