UDoctor Khumalo uphefumula ngokusayina kukaMbokazi kwiChicago Fire
SIHLE NGUBO
Owayengumdlali weKaizer Chiefs, uDoctor Khumalo, usephefumule ngokusayina kukaMbekezeli Mbokazi we-Orlando Pirates kwiChicago Fire edlala kwiMLS, e-USA.
Yize abaningi bemjabulela uMbokazi ngokuthi uyodlala eMelika kodwa kukhona abashaya amakhala ngeMLS.
Umqeqeshi weBafana Bafana, uHugo Broos, ungomunye walabo abangayizwa kahle indaba yeMLS, futhi ukholwa ukuthi lo mdlali bekumele alinde kudlalwe i-Africa Cup of Nations (AFCON) neNdebe yoMhlaba ngonyaka ozayo.
UKhumalo uke wadlala kwiColumbus Crew yakhona e-USA, futhi ubona uMbokazi ethathe isinqumo esihle ngokuya kwiMLS.
“Ngesikhathi ngidlala e-US kwakungu-1996. Ngicabanga ukuthi iMLS yaqala ngaleso sikhathi, futhi mina noShaun Bartlett sasingabadlali ababevela eSouth Afrika,” kusho uKhumalo owayedlalela iBafana Bafana.
“Ukuqina kweligi yabo kwakungakabi kukhulu njengoba kuyikona manje, ngoba sibuka amagama amakhulu alaphaya.
“Ngiyicabanga nje ukubhekana noLionel Messi nabanye abadlali abanamagama amakhulu abalaphaya e-USA.
“Ngiyazi abantu abaningi abayihloniphi iMLS kodwa ngingakutshela ukuthi iyiligi enhle kakhulu.
“Ukuya kwakhe kwiChicago ngicabanga ukuthi kuzoba yisibusiso esikhulu kuyena, ukuthi ayoqala khona mhlawumbe eminyakeni ezayo angadlulela e-Europe.”
IBafana Bafana izobhekana neGhana emdlalweni wobungani eDobsonville Stadium, eSoweto, ngoLwesibili ngo-4 ntambama.
Ngemuva kwalokho izobe seyibhekisa amabombo eMorocco ukuyolungiselela i-AFCON.
EzikaBroos zizobhekana ne-Angola emdlalweni wokuvula we-AFCON ngoDisemba 22. Eqoqweni leBafana kukhona ne-Egypt kanjalo neZimbabwe.

