Useluleme, ubheke ukuqukula iNdebe yoMhaba okwesibili uKolisi
Sihle Ngubo
USiya Kolisi uzobe ehola amaBhokobhoko kwiNdebe yoMhlaba ka-2023 eFrance.
Lokhu kuhlaluke kade kumenyezelwa iqembu labadlali abangu-33 beNingizimu Afrika abazoyimela kwiNdebe yoMhlaba ka-2023 ngoLwesibili ntambama.
USiya Kolisi ubelokhu elapha idolo ezinyangeni ezimbili ezedlule. Nokho kuvela ukuthi uzobe eseluleme uma sekuqala imidlalo yeNdebe yoMhlaba ngoSepthemba 8 eFrance.
“Besilokhu sisebenza kanzima ezinyangeni ezedlule. Sethemba ukuthi lokho kuzohlaluka kwiNdebe yoMhlaba,” kusho uSiya Kolisi obheke ukuqukula iWebb Ellis okwesibili kulandelana.
Umdlali ongekho esikwatini, nguLukhanyo AM weCell CSharks olimele. Lo mdlali ukhona nokho kwabacuthile abayisishiyagalolunye okubalwa kubona uHandre Pollard noJoseph Dweba nabo abalimele.
INiningizimu Afrika iseqoqweni elilodwa neScotland, yi-Ireland, yiTonga neRomania.
Izovula iNdebe yoMhlaba neScotland ngoSepthemba 10 bese ilandele ngeRomania ngoSepthemba 17.
AmaBhokobhoko asewine iNdebe yoMhlaba kathathu ngo-1995, 2007 no-2019.
Kuzokhumbuleka kuqopheka umlando ngo-1995 owayengumengameli uNelson Mandela enika ukaputeni uFrancois Pienaar.
INingizimu Afrika yilona lodwa izwe elingakaze lishaywe kowamanqamu njengoba lizovikela iWebb Ellis.
INew Zealand nayo seyiwine le ndebe kathathu futhi iyona yodwa esakwaze ukuyivikela ngo-2011 nango-2015.
FUNDA NALA:Â Izobhodlela kwiRoyal AM iPirates exhashazwe yiStellies
I-Australia seyiwine kabili kanti i-England isayiwine kanye. AmaNgisi ashaywe yiNingizimu Afrika kowamanqamu eJapan ngo-2019.