EzakamuvaIBafana Bafana

UBenni uhambe ejabulile, uPitso wasala enyukubele ngemuva kowe-AFCON

SIHLE NGUBO

UBenni McCarthy, oqeqesha iKenya, ukholwa ukuthi kubafanele ukuthola iphuzu emdlalweni wokuhlungela iCAF Africa Cup of Nations (AFCON) abawudlale neNingizimu Afrika ngoLwesihlanu.

IKenya ishiye abathandi bebhola baseNingizimu Afrika bedangele, kulandela ukubamba iBafana Bafana ngo 2-2 e-Orlando Amstel Arena, nokushiye imibuzo eminingi ngendlela ezidlale ngayo ezikaPitso Mosimane.

Kulo mdlalo iBafana Bafana ayidlalanga ibhola eyaziwa ngalo, kanti iyeke namathuba amaningi okushaya amagoli.

Igoli kokuqala lingene ngomzuzu wesishiyagalolunye, okube wumkhonto ogwaze ekhaya kwiKenya, ngonyawo luka-Amos Wanjala.

Ngomzuzu ka-44 iKenya ithole iphenathi yabekwa phakathi uMichael Olunga kwaba ngu 1-1.

Zibuye ekhefini zashukana lingekho iqembu ebelifuna ukuzibeka phansi.

Ithumba lize labhoboka ngomzuzu ka-77, ngesikhathi uRelebohile Mofokeng eshaya igoli leBafana Bafana, yaphinde yahamba phambili ngo 2-1.

Bese kubukeka sengathi umdlalo uzophela kanjalo kodwa uRyan Ogam washaya igoli lokulinganisa ngomzuzu ka-89, wona umcimbi weBafana Bafana.

UBenni uvumile ukuthi ezakhe azidlalanga ibhola elihlelekile kodwa wathi bekumele bathole okuthile kulo mdlalo.

“Ngicabanga ukuthi sidlale kahle kodwa bekubuye kube sengathi sidlala i-basketball ngesinye isikhathi,” kusho uMcCarthy ngemuva komdlalo.

“Bengingathanda ukuwuphatha kangcono umdlalo, ikakhulukazi ngemuva kokuthi silinganisile kwaba ngu 1-1.

“Ngesikhathi sekhefu ngicabanga ukuthi besisemdlalweni, izimo eziningi besizilawula.

“Ekugcineni womabili amaqembu abekufanelwe ukudlala ngokulingana.

“Noma kungathiwa unqotshwe ubani lo mdlalo, angicabangi ukuthi abantu bebezodinwa noma bathi u 2-1 ubuyinhlanhla, ngoba emizuzwini engu-90 womabili amaqembu awatholile amathuba.”

IKenya ayinayo ingcindezi yokuzibekisela indawo kwi-AFCON ngoba izobe isingethe lo mqhudelwano ngokubambisana neTanzania kanjalo ne-Uganda, ngonyaka ozayo.

NgoLwesibili la maqembu azophinde atholane phezulu eNairobi, eKenya, ngo-6 ntambama.

“Bobabili onozinti benze isiqiniseko sokuthi bagcina amaqembu abo esemdlalweni,” kuqhuba uBenni.

“Ngicabanga ukuthi ngijabule kodwa angicabangi ukuthi umphumela iBafana Bafana ebiwufuna.

“Kodwa ekugcineni kosuku umdlalo webhola, uwumqeqeshi, ufuna iqembu lakho linqobe, nokho angikwazanga ukwenza lokho.

“NgoLwesibili sinelinye ithuba, ngethemba ukuthi sizothola okungcono.”

Ngemuva komdlalo uMosimane ubuzwe yintatheli ukuthi kungani engamdlalisanga uMbekezeli Mbokazi, waphendula sakunengeka.

“Kahleni bakwethu, asikwazi ukuya lapho,” kusho uMosimane.

“Kahleni, awufuni ukuthi ngilahlekelwe ukukuhlonipha. Awukwazi ukuya lapho.

“Manje uyakhetha ukuthi kumele kudlale bani. Sishaywe ngenxa yalokho noma sishaywe ngenxa yokuthi sigeje amathuba amaningi? Kahleni.

“Ungasho okungcono kunalokhu okushoyo, angithi? Isikhathi esikahle kodwa sokubuza, uqinisile…”

Akonakele kangako kwiBafana Bafana ngoba iyona esazihola phambili ngamaphuzu ayisikhombisa, ngemuva kwemidlalo emithathu, eqoqweni ekulona.

Linye kuphela iqembu elizozibekisela indawo kwi-AFCON kuleli qoqo, ngoba iKenya ingosokhaya ngakho izodlala nakanjani kulo mqhudelwano.