UMotswari ukhipha okusenhliziyweni ngokumehlele kwiPirates
Umdlali wasesiswini waMaZulu FC, uBen Motshwari, uzwakalise ukubonga kulabo abebemeseka ngesikhathi asithatha njengesinzima kwi-Orlando Pirates.
UMotshwari usanda kubolekiswa kuMaZulu ngenkontileka yesikhashana, kodwa Usuthu lungayelula uma lufisa.
Kuyaphawuleka ukuthi lo mdlali oneminyaka engu-32 ubengakaze abonakale kwiPirates kule sizini ngaphambi kokuthi aye kuleli qembu laseKZN.
UMotshwari uvumile ukuthi bes ekumkhathaza ukunyiwa yisikimu, okuholele ekutheni agcine esezingabaza ikhono lakhe.
“Uma ungumdlali, uma sewuwayele into bese ingabe isenzeka kuthanda ukuba nzinyana,” kusho uMotswari kwabeFAR Post.
“Uyaqala ucabange izinto ezingalungile, uzibuze ukuthi ngabe usezingeni elifanele yini. Uyaqala uzingabaze.
“Kodwa akumele kube njalo ngoba uma ubheka emuva ezintweni osuzizuzile njengomdlali nala ukhona manje, umehluko mkhulu.
“Kodwa le mibuzo iyafika emqondweni wakho futhi ingakumoshela ikusasa. Kuyakhathaza kakhulu.
“Ugcina ungaseyena umuntu obunguye usadlala njalo, akugcini emsebenzini nje kuphela kodwa nasekhaya kuyaqala kukukhathaze.”
Ngenhlanhla yakhe, uMotswari ubenabo abantu abasiqondayo isimo sakhe futhi abamesekile ngalesi sikhathi esinzima abebhekene naso.
“Mina ngibe nenhlanhla yokuthi nginabo abantu abangisekayo. Bekukhona umama, imenenja yami namalungu omndeni abangisizile kuleso sikhathi esinzima.”
Njengoba esekuMaZulu, ubona kuyithuba elisha kuye lokuthi asebenzele ukungena eqenjini elisha.
FUNDA NALA: ‘Uyofundiswa umsebenzi’ kabusha unompempe obambe iChiefs ngophondo
“Ngijabule manje. Ngivule ikhasi elisha. Into engiyilwelayo manje ukubuyela esimweni ukuze ngiphinde ngijabulele ukudlala ibhola.”