Ezakamuva

IChiefs izobhekana neDurban City inezinkinga

SIHLE NGUBO

IKaizer Chiefs izobhekana neDurban City, emdlalweni weBetway Premiership, bengekho abadlali bayo abamqoka, u-Aden McCarthy noSibongiseni “Ox” Mthethwa.

Amakhosi azobuyela enkundleni ngokubhekana neCity, eFNB Stadium, ngeSonto, ngo-3.30 ntambama.

Leli qembu laseNaturena azilihambeli kahle neze izinto, nosekuholele ekutheni abalandeli balo bayokwethula izikhalo ekomkhulu lalo.

Lokhu kulandela ukushaywa kweChiefs imidlalo yeBetway Premiership ilandelana, okubukeka sekuyikhiphile embangweni wesicoco seligi.

IChiefs iqale yathelwa othulini yiStellenbosch FC ngo 2-1, emdlalweni weBetway Premiership eke yahamba phambili kuwona ngo 1-0.

Ngemuva kwalokho kulandele umdlalo womkhaya lapho ibhaxabulwe khona yi-Orlando Pirates ngo 3-0 eFNB Stadium, ngoFebhuwari 28.

Akugcinanga lapho njengoba Amakhosi ebuye edangele eMhlathuze Sports Complex, lapho eshaywe khona yiRichards Bay FC ngo 1-0.

Konke lokhu kuyicindeze kakhulu iChiefs nokwenza abalandeli bafune kuxoshwe abaqeqeshi ababili ababambile, uCedric Kaze noYoussef Ben Khalil.

Kukho konke lokhu abaphathi beChiefs, ngomlomo kaKaizer Motaung Jr oyiSporting Director, bathembisa ukuthi bazozilungisa izinto.

IChiefs kubukeka izoqeda isizini ingaphakamisanga neyodwa indebe njengoba seyiphuthwe yiCarling Knockout Cup neNedbank Cup.

Amakhosi aphinde aphuma nakwiCAF Confederation Cup, esifinyelele ezingeni lama-quarterfinal.

UMcCarthy noMthethwa, ngeke badlale ngoba badonsa izigwebo zamakhadi aphuzi, njengoba sebeqoqe amane emunye.

Okungajabulisa iChiefs ukubuya kukaZitha Kwinika ongawudlalanga umdlalo owodwa ngenxa yamakhadi.

Ngaphandle kwalokho iChiefs inabadlali abalimele okuzophoqa ukuthi ishintshe abadlali ezoqala ngabo umdlalo.

Emidlalweni edlule ubengekho ukaputeni weChiefs uBrandon Petersen, kuvimbe uBruce Bvuma.

Omunye umdlali onokuthinteka ngu-Inacio Miguel, okungaziwa ukuthi uzodlala yini ngeSonto.

UMotaung Junior usanda kucashunwa ethi iqembu bafuna liqede endaweni ezolenza lidlale kwiCAF Champions League ngesizini ezayo.