UThabiso Mchunu uhlelelwe impi enkulu eThekwini
SIHLE NGUBO
Umshayisibhakela waKwaZulu-Natal, uThabiso “The Rock” Mchunu, uzolwa impi ebaluleke kakhulu lapho ezotholana khona phezulu noYamil Alberto Paralta, wase-Argentina.
Le mpi kuzobe kungeyesicoco seWorld Boxing Council (WBC) Silver, esingaphethwe yimuntu njengamanje.
Izokuba se-Olive Convenient Center (OCC), ngoMashi 22 nonyaka.
IMvelo Boxing Promotion iyona ehlela le mpi, ngokubambisana noMnyango weZemidlalo nokuHlumelelisa, yiDurban Tourism neSABC Sport.
Kuyimanje uThabiso Mchunu usebenza kanzima ukulungiselela le mpi okulindeleke ukuthi ihehe abalandeli abaningi besibhakela KwaZulu-Natal.
Lo mshayisibhakela oneminyaka engu-35, olwa kwi-cruiserweight, usemele iKwaZulu-Natal ngempumelelo ezingeni lomhlaba, ewina izicoco.
Isikhulu esiphezulu seMvelo Boxing Promotion, uNomvelo Shezi, sijabule kakhulu ukuhlela le mpi ezokuba ngenyanga ezayo.
“Ngesese kakhulu ukuthi sivunyelwe ukuhlela le mpi ezokuba phakathi kukaThabiso noYamil,” kusho uNomvelo Shezi.
“Laba abashayisibhakela abasezingeni eliphezulu kakhulu, futhi anginakho ukungabaza ukuthi kuzoba yimpi enhle kakhulu uma sebebanga leli bhande.”
Amasango ayovulwa ngo-5 ntambama kanti kuyobe kunezimpi eziyisishiyagalombili ngalolo suku. Zonke ziyovezwa kwiSABC Sports.
“UThabiso usemele iKwaZulu-Natal ngempumelelo ezingeni lomhlaba, uma kukhulunywa ngesibhakela,” kuqhuba uNomvelo Shezi.
“Sithanda ukubonga bonke esibambisene nabo abaqinisekise ukuthi siyakwazi ukuhlanganisa lo mqhudelwano.
“Sibonga uMnyango weZemidlalo nokuHlumelelisa eKZN, iDurban Tourism neSABC ngokweseka lo mqhudelwano.”
UThabiso Mchunu uthembise ukuthi uzonqoba nakanjani uma esebhekene noPeralta.
“Ngithanda ukuthatha leli thuba ukubonga iMvelo Boxing Promotion, ngokunginika ithuba lokulwela esinye isicoco somhlaba,” kusho uMchunu.
“Ngisebenza ngokuzikhandla ejimini ukuze nginqobe ngalolu suku.
“Ngizobhekana nomshayisibhakela onamava futhi onerekhodi elihle kakhulu. Nokho lokho akungenzi ngingenwe amanzi emadolweni.
“Ngifuna ukwenza abantu baKwaZulu-Natal baziqhenye.
“Ngikulangazelele kakhulu ukukhombisa ukuthi ngisengakwazi ukwenza kahle ezingeni lomhlaba.”
Yize ezobe ehambile uPeralta kodwa uyazethemba kakhulu ukuthi uzobuyela ekhaya nesicoco.
“Sengikhombisile phambilini ukuthi ngiyakwazi ukuyibamba ishisa noma yikuphi indawo emhlabeni,” kusho yena.
“Ngeke kungidikibaliswe ukuthi ngizobe ngilwa ekuhambeni. Nginento eyodwa kuphela emqondweni – ukunqoba lesi sicoco.
“Ngiyaqonda ukuthi lokho ngeke kube lula kodwa ngiyokwenza konke okusemandleni ukunqoba ngalobo busuku.”
Amathikithi ale mpi aseqalile ukudayisa eWebticket, kanti ithikithi ngalinye libiza u-R100.
FUNDA NALA: ‘Ubani ikhehla?’ Kubuza owayevimbela Usuthu
Amathikithi endawo yezicukuthwane abiza u-R1000, kuthi ukuhlala ngaseringini kube wu-R500.

