EzakamuvaIbhola

Izinsolo ezimbi zokungaholelwa kwabathile kwiChippa

IChippa United ibhekene nengwadla yezezimali, kanti sekuvele ukuthi kusekhona abasalinde amaholo kaNovemba kamanje. 

Yize kubikwa ukuthi abadlali bakhokheliwe ngesonto elidlule, ithimba labaqeqeshi lisalindile, kanti bebethejiswe ukuthi bazokhokhelwa ngoDisemba 7.

Nokho, ngokubika kweFAR Post, bebengakayiboni ingena emabhange abo imali yomholo ngoLwesihlanu lukaDisemba 8. 

USihlalo uChippa Mpengesi akazange ayiphendule imibuzo yeFAR Post phezu kokuba ethembise ukuthi amaholo azolungiswa lingakapheli isonto lokuqala enyangeni entsha.

Kubikwa ukuthi umqeqeshi uMorgan Mammila uveze ukuthi usihlalo ukhathazekile ngemibuzo mayelana namaholo, ngemuva nje kokuthi ethunyelelwe yona ngomqhafazo.

Ngesikhathi ethintwa ukuze aphawule, isikhulu seqembu siqondise imibuzo kumphathi-jikelele, uSandiso Mpengesi.

Naye, njengosihlalo akazange ayiphendule imibuzo abethunyelelwe yona, waluziba nocingo uma ethintwa. 

Ngakolunye uhlangothi uMammila ukuphike walala ngomhlane ukuthi kukhona abangaholile kuleli qembu.

“Nginesiqiniseko esingu-100% sokuthi wonke umuntu uholeliwe,” kusho uMammila kwiFAR Post. 

“Uyazi abantu bahlale bekhuluma. Mhlawumbe abazi ukuthi bazothini ngeChippa United.”

Naphezu kokuphika kwakhe, kodwa lize lashona elangoLwesihlanu, abasebenzi abathintekayo bebengakawatholi amaholo abo.

Akukhona okokuqala iChippa United isolwa ngokuholela abasebenzi bayo sekwedlule isikhathi. 

Kuvela lezi zindaba nje iChilli Boys izokwamukela iGolden Arrows emdlalweni olandelayo weligi eNelson Mandela Bay Stadium ngoMgqibelo. 

Izobe izama ukuvuka izithathe kulandela ukushaywa ngo 2-0 yiSekhukhune United ngoLwesithathu. 

IChippa isendaweni ka-13 kwiDStv Premiership ngemuva kokunqoba imidlalo emithathu, yadlala ngokulingana eyisithupha, yahlulwa kwemine.