EzakamuvaiDStv Premiership

IChiefs izobebhaka nePolokwane ixhugela – abekho abane

Kunabadlali abane abamqoka kwiKaizer Chiefs abazobe bengekho uma seyibhekene nePolokwane City ngoMgqibelo ntambama.

IChiefs izoyidovola nePolokwane ePeter Mokaba Stadium emdlalweni weDStv Premirship ozoqala ngo-3.30 ntambama.

Unozinti onamava, u-Itumeleng Khune akekho njengoba emisiwe eqenjini kulandela ukungaziphathi kahle kwakhe. 

IChiefs ikumemezele kuleli viki ukuthi uKhune uzoke ame ukuzihlanganisa neqembu kuze kube ufeza imibandela ethile abekelwe yona.

OKeagan Dolly, Thatayaone Dithlokwe no-Ashely Du Preez bona balimele futhi ngeke babe khona kulo mdlalo. 

“UKeagan Dolly usazama ukwelulama kulandela ukulimala akuthola sibhekene ne-Orlando Pirates,” kusho umqeqeshi weChiefs uCavin Johnson. 

“U-TT (Ditlhokwe) yena ubehlinzwa izolo (ngoLwesihlanu) ehlombe  futhi silindele ukuthi angabi khona izinyanga ezintathu kuya kwezine. 

“Simfisela ukuthi alulame kahle. U-Ashley (du Preez) yena kusele mhlawumbe iviki noma amabili ukuthi abuye ekulimaleni kwakhe.” 

UJohnson ube esebalula nabadlali abanqenayo kwiPolokwane, phambili kubo okukhona uNdumiso Mabena. 

Lo mgadli osekhulile nguye ongukhiye weRise and Shine uma ihlasela njengoba kunguye ohlanganisa iminyakazo. 

“UMabena ngimazi kahle. Wadlala ngaphansi kwami kwiPlatinum Stars,” kuchaza lo mqeqeshi obambile kwiChiefs.

“Wayengumdlali obukhali impela futhi namanje usayibambe lapho ngoba uyazinakekela.

“Kukhona nalo mfana omncane u-Appolis (u-Oswin), naye muhle kakhulu. Bayiqembu elihle kakhulu. 

“Bayakuthanda ukuhlasela ikakhulukazi uma besekhaya ePolokwane, ngakho siyakwazi esiyobhekana nakho, kodwa siyilungele leyo nselelo.” 

Ngeqembu lakhe, uJohnson uthi lizimisele futhi bekudingeka aze athi ukubehlisa imimoya ejimini ngoba bamagange kakhulu.

“Ukulungiselela iPolokwane City kube yinselelo ethimbeni labaqeqeshi ngoba bekudingeka sibakhalime  kwesinye isikhathi. 

“Bamagange kakhulu, sebejahe ukudlala. Siyazi ukushisa kuphezulu kodwa sisheshe safika lapha ukuze sikujwayele.”

Uthi nezibalo zomdlalo wabo odlule, la beshaye khona iMoroka Swallows ngo 1-0 kushisa ziyabakhuthaza.

“Indlela esadlala ngayo sibhekene neSwallows kushisa yaba yinhle kakhulu ngakho eyokushisa ayissikhathazi kangako.

“Sibheke nje ukubhekana nezitha zethu bese senza okusemandleni ethu. Asiyona iKaizer Chiefs mahhala nje. 

“Kungaba sibhekene neqembu elisemsileni noma eliphezulu, umdlalo siwuthatha ngokuthi ngowamanqamu. 

“Sizilungiselele okweqembu eliyodlala umdlalo wamanqamu,” kucacisa uJohnson ongene esikhaleni sikaMolefi Ntseke emavikini ambalwa edlule.