EzakamuvaIbhola

Indodana kaNasreddine Nabi isola iChiefs ngokubhayizisa uyise

Njabulo Shezi

Sekuvele izinsolo ezimbi zokuthi iKaizer Chiefs yayekisa uNasreddine umsebenzi kwiYoung Africans ngoba imthembisa ukumthatha. 

Lezi zinsolo zivezwe ngozibiza ngendodana yalo mqeqeshi waseTunisia, u-Ahmedd Nabi kwiTwitter ngoLwesine. 

U-Ahmedd Nabi uveze ukuphoxeka kwakhe yathi iChiefs icele uyise ukuthi angayivuseleli inkontileka yakhe naleli qembu laseTanzania.

Uthi uyise uthenjiswe isikhundla eNaturena, kodwa leli qembu lagcina linqume ukukhuphula uMolefi Ntseki.

Ezwakalisa ukucikeka kwakhe u-Ahmed Nabi ubhale kuTwitter wathi, “IKaizer Chiefs ayinabo ubuntu, ngabe kungcono ukube ayizange ikhohlise ubaba ukuze ashiye kwiYanga.

Uphinde waveza ukuthi incamela ukuthi uyise abuyele kuyo iYanga ayoba yiphini lomqeqeshi kunokuthi aye kwi-Azam FC. 

“Kungcono uma ubaba ebuyela eTanzania. Kufanele avele abuye azoba yiphini lomqeqeshi kwiYoung Africans esikhundleni sokuya ku-Azam FC.”

UNabi ube nempumelelo iminyaka emibili ilandelana ayihlale kwiYanga, enqoba izindebe ezintathu kabili kulandelana, wayifaka nakowamanqamu kwiCaf Confederation Cup ngesizini edlule.

Iphutha likaNasreddine Nabi

Impempe ike yabika ekuqaleni kwaleli viki ukuthi uNasreddine Nabi uzifakele izichitho ngokukhuluma nabezindaba ngalo msebenzi abeshelelwa wona. 

UNabi ukhulume nephephandaba iSunday Times, waqinisekisa ukuthi ngempela imenenja yakhe iyaxoxisana neChiefs futhi kungenzeka kufinyelelwe esivumelwaneni maduze.

Imithombo esondelene neqembu iveze ukuthi abaphathi bathukuthele kakhulu ngesinqumo sikaNabi sokuxoxa ngezinkulumo eziqhubekayo esidlangalaleni, njengoba babehlose ukugcina izingxoxo ziyimfihlo.

“Uzoyikhumbula into efanayo no-Adel Amrouche ngesikhathi ekhuluma neChiefs? Ukhulume nabezindaba mayelana nesinyathelo esisalindile nokuyilapho kugcine khona. 

“IChiefs ibingafuni ukwenza lutho naye ngemuva kwalokho.

“UNabi naye angase abhekane nesimo esifanayo. Kodwa sizobona,” kusho umthombo weMpempe ngaleso sikhathi. 

Lezi zinsolo zibhebhethekisa izinkulumo eziqubula imibuzo mayelana nokufihlwa kwezinto nobuqotho bokuthatha izinqumo kwiChiefs.

Abalandeli bangene ezinkundleni zokuxhumana bezwakalisa ukukhathazeka kwabo ngokuqokwa kukaNtseki njengoba bebelindele ukuthi uNabi kube nguyena ozohola iqembu.

FUNDA NALA: Selikhathazekile elaseRomania ngoSiya Ngezana ongafiki

Lokhu kuhlelwa kabusha kwethimba labaqeqeshi akwehlanga kahle kubalandeli njengoba bengabaza ukuthi kuthathwe isinqumo esifanele.