EzakamuvaIbhola

IPirates ayizikhathazi ngala ikhona okwamanje, kusho uXoki

UTapelo Xoki uyavuma ukuthi i-Orlando Pirates ayikho ezingeni la kumele ngabe ikhona, kodwa uthi okwamanje lokho akuyona into abazixake ngayo.

Ngenxa yendlela eqede ngayo isizini edlule, yaphinde yaqinisa ngayo iqembu, iPirates bekubhekwe ukuthi ibe sembangweni wesicoco kwiDStv Premiership. 

Kodwa njengamanje leli qembu laseSoweto alikho emaqenjini asembangweni wesicoco seligi njengoba lisendaweni yesikhombisa.

Emidlalweni engu-12, iPirates isaqoqe amaphuzu angu-19 kanti isilele ngangu-11 kwiMamelodi Sundowns okuyiyo ezihola phambili nakulokhu. 

Kodwa ngokusho kukaXoki, ongukaputeni weBucs, lokhu akubakhathazi okwamanje njengoba bengakaqali ukubheka ukuthi isizini ihamba kanjani.

“Siyazazi la sikhona ngokukhula njengeqembu. Siyazi futhi ukuthi sikuphi ngokohlelo lwethu,” kusho uXoki.

“Yebo siyavuma kukhona la sisilele khona emuva, kodwa siyazazi lapho sikhona. Into ebaluleke kakhulu wukuthi sikholelwe ohlelweni lwethu.

“Sikholelwe ezintweni esizenzayo, bese siqhubeka nokuzenza,” kuchaza lo kaputeni weZimnyama. 

Uthe yize benza konke ukuqhubeka nokuba ngcono njengeqembu, into abayenzayo wukubhekana nomdlalo ngamunye. 

“La kumele siphucule khona, sizophucuka. Asikayibuki isizini iyonke okwamanje. Okwamanje into ebaluleke kakhulu wumdlalo wethu neTS Galaxy ngoMgqibelo.

“Futhi kumele siwakhiphe wonke amandla ethu kulo mdlalo. Yileyo into ebalulekile esibhekene nayo njengamanje.” 

Yize ingawashayi ngendlela okulindeleke ngayo amagoli, okuhle ngeBucs wukuthi emuva iyakwazi ukuvala thaqa njengoba emidlalweni emihlanu edlule yeligi ingangenelwanga goli. 

Nokho iPirates kuzomele izibambe ziqine kwiGalaxy njengoba nayo seyingene egiyeni muva je futhi izobe ibheke ukuqala inonkele kwilogi. 

EzikaSead Ramovic njengamanje zisendaweni ka-11, kanti zinamaphuzu angu-15 ngemuva kwemidlalo engu-12.