Ingwazi igxeka iChiefs ngokuthatha kude ukuqasha umqeqeshi
UPollen Ndlanya, owayengumgadli weKaizer Chiefs, ubona leli qembu lizophinde libe nesizini ebhedayo njengoba lingamethuli ngokusemthethweni umqeqeshi.
UNdlanya uzwakalise ukukhathazeka ngokuthi iChiefs ithatha kude ukwethula umqeqeshi omusha ozothatha izintambo ngesizini entsha.
Nokho sekuke kwabikwa ukuthi iChiefs seyivumelene noNasreddine Nabi, waseTunisia, osekubambile ukuthi nje aqedele isizini neqembu lakhe laseMorocco iFAR. Noma ibingamemezela iChiefs ukuthi seyiqashe uNabi kodwa uzoze afike kuleli uma eseqede neqembu aliqeqeshayo manje.
“IChiefs kumele ngabe inaye umqeqeshi manje. Isikhathi sihambile ukuthi ingangabi nomqeqeshi manje, uma ubheka ukuthi bashaye udaka kanjani ngesizini edlule,” kusho uNdlanya owake wadlala nakwi-Orlando Pirates.
“Uyazi kunesikhathi esincane kakhulu ukwenza okuningi nomqeqeshi omusha ukulungiselela isizini entsha. Kukhona i-Euro 2024 lapho abantu abaningi bebeke imiqondo khona.
“Uma bebuya lapho isikhathi sizobe sesihambile ukuthi iChiefs iqoke umqeqeshi. Kodwa uyazi ukuthi iChiefs iyafihla, mhlawumbe sebeyazi vele ukuthi ubani umqeqeshi nokuthi uzofika nini lapha. Kodwa ngicabanga ukuthi isikhathi sesidliwe yinja vele.”
Uma konke kuhamba kahle kulindeleke ukuthi iChiefs imemezele uNabi nethimba lakhe labaqeqeshi ngesonto elizayo.
“Isikhathi asibavuni neze. Umqeqeshi omusha ubedinga okungasenani izinyanga ezintathu ukuze ajwayelane nabadlali naso sonke isimo.
“Ngaleso sikhathi ubezokwazi ukuthi yibaphi abadlali abahlalayo nokuthi yibaphi abahambayo, kanjalo nokuthi yibaphi abazofika.
“Kodwa uma efika isikhathi sesidliwe yinja ngeke abe naso isikhathi sokwenza konke lokho, bese iqembu liphinde libe nesizini ebhedayo. Asikudingi lokho. Kumele ngabe banaye umqeqeshi manje.”