EzakamuvaIbhola

IBanyana Banyana igoloza ukudlala ‘enkundleni engasile’ 

Njabulo Shezi

Iqembu lesizwe labeseifazane lakuleli, iBanyana Banyana selikhethe ukuduba ukubonakalisa ukungenami kwalo ngezinhlelo zokulungiselela iNdebe yoMhlaba. 

IBanyana Banyana izoyodlala eNdebeni yoMhlaba e-Australia naseNew Zealand ngasekupheleni kwale nyanga. 

Kodwa kubukeka inhlangano eyengamele ibhola kuleli, iSafa yehluleka wukuyibhekelela ngezinsiza ezifanele. 

Njengamanje abeSABC Sport babika ukuthi iBanyana igolozile ukuyodlala umdlalo wokuzwana amandla neBotswana eTsakane Stadium. 

Bakhala ngokuthi le nkundla ayikho ezingeni elifanele iqembu eliziluungiselela ukuyodlala eNdebeni yoMhlaba. 

Sekungokwesibili leli qembu, eliqeqeshwa nguDesiree Ellis lingena eNdebeni yoMhlaba njengoba belikhona naseFrance eminyakeni emine edlule. 

Kulokhu iqhathwe eqoqweni elishubile njengoba izobhekana neSweden, i-Italy ne-Argentina esigabeni samaqoqo.

IBanyana beyivele ingayizwa kahle eyokungcwekisana neBotswana abathi isezingeni eliphansi futhi akukho okusha abangakufunda kuyo. 

“Sizamile ukuthola imbangi eqinile ukuthi ize lapha, ngebhadi asikwazanga,” usho kanje u-Ellis ngasekuqaleni kweviki. 

“Amazwe amaningi awakwazi ukuthola abadllai bawo ngoba akusona isikhathi sewindi leFifa. Kodwa ke siyabazi ubunzima esingabuthweswa yiBotswana.” 

Kodwa umgadli waleli qembu, uJermaine Seoposenwe yena akazange akufihle ukuphoxeka kwakhe ekhuluma nabeSABC Sport ngalo mdlalo. 

“Inhlangano (iSafa) ingase ibe nomuzwa wokuthi yenze okwanele, kodwa nginombono ohlukile. Kodwa ekugcineni, ngingumdlali futhi umsebenzi wami wukuza lapha, ngidlale bese ngiyahamba.”

Kuvele ke iSafa izithele ngabandayo ngeBanyana Banyana njengoba ingakaqali nemikhankaso yokuvukuza abantu ukuthi bayeseke. 

FUNDA NALA: UPatrick Mayo usola uZwane, uyahohoza ngoNtseki kwiChiefs

Ngokujwayelekile, kuyaye kube nemikhankaso yokuthi njalo ngoLwesihlanu kugqokwe ijezi leqembu lesizwe uma lizoyodlala emiqhudelwaneni emikhulu. 

Kodwa kulokhu iSafa ngathi ayazi nokuthi lidumephi njengoba isihluleka nawukutholela iBanyana inkundla esezingeni eliyifanele.