Ibhola lomhlaba

Lisengcupheni iphupho likaRulani Mokwena lokuhlangana ‘nesithixo’ sakhe 

SIHLE NGUBO 

Iphupho likaRulani Mokwena, ocija iWydad Athletic Club, lokusondelana ‘nesithixo’ sakhe uPep Guardiola oqeqesha iManchester City, lingase lifezeke ezinyangeni eziyisithupha ezizayo.

Lokhu kuhlaluke ngesikhathi kuqhathwa amaqembu azobhekana kwiFifa Club World Cup ngoJuni wonyaka ozayo, ngoLwesine ebusuku.

UMokwena, oqeqesha leli qembu laseMorocco, angase alithole ithuba lokubhekana nomqeqeshi amthandayo uGuardiola ocija ompetha beligi yase-England.

Eqoqweni uGroup G kukhona iWydad, iCity yase-England, yi-Al Ain yase-United Arab Emirates neJuventus yase-Italy.

Nokho indlela ezenzeka ngayo izinto kulaba baqeqeshi, selokhu kuqale isizini, yenza kubukeke lisengcupheni leli phupho lokuhlangana phezulu kwiFifa Club World Cup ngonyaka ozayo.

UMokwena akamile kahle kwiWydad lapho ebuye aphikwe khona yimiphumela selokhu kuqale isizini. Sekuke kwanesikhawu lapho ephume enkundleni esegadiwe abalandeli beWydad bethi abamudle bamufele.

Yisimo esicisho sifane nakuGuardiola iqembu lakhe elithola induku kulandelana emidlalweni yakamuva. Lokhu sekwenze iCity yehlela endaweni yesine kwilogi, kanti nakwi-Uefa Champions League akuhambi kahle neze.

Amaligi amaningi emhlabeni azosongwa ngoMeyi bese amaqembu azoba yingxenye yeFifa Club World Cup aqale ukulungiselela lo mqhudelwano ozobe udlalwa okokuqala ngqa.

Imidlalo yeFifa Club World Cup izoqala ngoJuni 15 ngonyaka ozayo. Umbuzo omkhulu owokuthi ngabe uPep Lite (Mokwena) noPep Original (Guardiola) bayobe besasebenza emaqenjini abo ngaleso sikhathi?