‘Bengifuna iMan City,’ kusho oweDowns
SIHLE NGUBO
Unozinti weMamelodi Sundowns, uRonwen Williams, uthi bajabule kakhulu ngokubona igama leqembu ngesikhathi kuqhathwa amaqembu azodlala kwiFifa Club World Cup ngoLwesine ebusuku.
Abafana Ba’Style bafakwe eqoqweni elilodwa neBorussia Dortmund, yaseGermany, iFlamenese yaseBrazil ne-Ulsan HD yaseSouth Korea.
Yize uWilliams eveze ukuthi bajabule kakhulu ngalokhu kodwa uthe eyakhe injabulo ibingaba ngaphezulu ukube kukhona iCitizens eqoqweni labo.
“Kumnandi ukubona igama leMamelodi Sundowns liphezulu laphaya namaqembu aphezulu,” kusho uWilliams ongukaputeni weBafana Bafana.
“Njengamanje siseMorocco lapho iqembu lilungiselela umdlalo weChampions League. Kube yinto emnandi ukuthi abadlali bebebonke sabuka kuqhathwa amaqembu ndawonye.
“Ukuba yingxenye yomqhudelwano omkhulu kanje yinto enkulu kukodwa nje. Kukhulu kakhulu nje ukuthi noma yiliphi iqembu ozodlala nalo uzobe udlala nezingqungqulu.
“Bekungaba mnandi ukube kukhona iManchester City (eqoqweni) ngoba indodana yami ingumlandeli omkhulu wabo. Badlala ibhola elihle, bekungaba mnandi kodwa ngijabule ngendlela esiqhathwe ngayo.”
Mayelana nokuthi bazokwenza kanjani eqoqweni uGroup F, uWilliams uzwakale engenakho ukwesaba.
“Yinto enhle ukuthi kunamaqembu esiwaziyo njengeFlamenese sidlala isitayela esifanayo futhi sihleleke ngendlela efanayo.
“Sisebenzisa kakhulu amavidiyo abo futhi senza ngendlela efanayo neyabo uma bedlala besuka emuva. Kukhona neBorussia Dortmund, nginesiqiniseko sokuthi kukhona ojabulayo ekhempini yethu ngalokho okunguTashreeq Matthews.
“Udlalile kwiBorussia Dortmund ngakho lokho kuzoba kuhle kakhulu kuyena. Bese kuba khona i-Ulsan yaseSouth Korea, siyazi ukuthi iqinile futhi iyashesha kakhulu uma iya phambili.
“Kukho konke nje sijabulile, sesese. Asisakwazi ukulinda ukuthi iFifa Club World Cup iqale.”
Lo mqhudelwano, okungowokuqala ngqa ukuba khona, uzoqala ngoJuni 15 ngonyaka ozayo.