EzakamuvaIbhola

‘Yinto ejule kakhulu le,’ kusho uyise womdlali weChiefs

SIHLE NGUBO

Usezwakalise ukukhathazeka okukhulu uMuneer Abrahams ngesimo sendodana yakhe edlala kwiKaizer Chiefs, uFaiz Abrahams.

Ngempelasonto kuqubuke imibiko yokuthi uFaiz akazange abuyele ekhempini yeChiefs, njengoba bebenikwe ikhefu elincane kusaqhubeka imidlalo engaphansi kwekhalenda yeFIFA.

Kuvele ukuthi lo mdlali, obolekiswe yiStellenbosch FC kuMakhosi, akaqali ukunyamalala kanje kungaziwa ukuthi kwenzekani ngaye.

Kuthiwa uke wanyamalala kade ebolekiswe eqenjini lase-Israel, iHapoel Kfar Saba, eligcine liyinqamulile inkontileka yakhe, ekuqaleni kuka-2026.

UFaiz uphinde wangaziwa ukuthi ukuphi ngasekupheleni kwesizini edlule, okuphoqe umqeqeshi weStellenbosch, uGavin Hunt, ukuthi aqale ukulungiselela isizini esikuyona ngaphandle kwakhe.

Uyise uthi sibakhathaza kakhulu isimo sikaFaiz njengomndeni.

“Yinto ejulile kakhulu lena futhi yinto emayelana naye uqobo,” kusho u-Abrahams kwiKickOff.

“Akakhulumi nathi noma omunye umuntu. Ngisho nabangani bakhe asondelene nabo basebumnyameni, abazi ukuthi kwenzekani ngaye.

“Uma engavakashele umngani ohlala eduze, uyazivalela ekamereni lakhe usuku lonke.”

U-Abrahams uvumile ukuthi le nto eyenziwa uFaiz ayiqali, yikho nje bekhathazekile njengomndeni.

“Ngesikhathi ese-Israel sakuqaphela ukuthi wayenza into efanayo,” kuqhuba u-Abrahams.

“Wavele wacasha. Wayeka ukusifonela ngendlela ayejwayele ngayo kodwa asazi ukuthi yini eyayibangela lokho.

“Njengabazali sikhathazekile kakhulu. Simelwe imiqondo, asazi ukuthi kumele senzenjani.

“Yize kunjalo asifuni ukumfakela enye ingcindezi ngoba asazi ukuthi lokho kungambeka kusiphi isimo. Kodwa sikhathazekile impela.

“Abantu bazoba nemibono yabo kodwa iqiniso ukuthi uFaiz uphuma ekhaya eliqondile.

“Unkosikazi wami nami simkhulise kahle uFaiz, ngendlela yokuziphatha njengomuntu.

“Yebo sihlala endaweni enezinkinga eKapa kodwa lokho akusho ukuthi akukhuliswanga ngenhlonipho, ukuziphatha kahle nokuba nozinzo.

“Sike sabuza uBoere (uLuke Baartman) ngaye kodwa naye akazi lutho.”

Okungaduduza umndeni ukuthi uFaiz ufake isithombe sakhe kwiTik Tok ngeSonto, okukhombisa ukuthi uyaphila lapho ekhona.

IChiefs ibingakasikhiphi isitatimende mayelana nokunyamalala kwalo mdlali, oneminyaka engu-21.

Ngempelasonto Amakhosi azobhekana neMamelodi Sundowns emdlalweni owandulela owamanqamu weCarling Knockout Cup, okuwumdlalo obaluleke kakhulu.