Inhlanzi ishelwa amanzi ku-Aubrey Ngoma kwiSuperSport
Sbongs Gumbi
Kubukeka ezogcina ngokudedelwa u-Aubrey Ngoma kwiSuperSport United njengoba sekusele izinsuku ezine iphele inkontileka anayo naleli qembu kodwa lisazithulele.
U-Aubrey Ngoma ufike kwiSuperSport esuka kwiMamelodi Sundowns la abesehlale khona iminyaka emine, yize ijezi ubelizwa ngendaba.
NakuMatsatsantsa a Pitori kube ngesifanayo njengoba ebedlala amacozucozu ngesizini edlule, kanti akubonakali kuzojika lokho.
Kuvela ukuthi akekho ezinhlelweni zomqeqeshi uGavin Hunt ofuna ukwakha inqanawe yeqembu ngokusebenzisa abafana abasebancane.
“Ungumdlali omuhle impela futhi uyazinakekela futhi usangadlala amanye amasizini ambalwa,” kucashunwe umthombo usho kanje kwiPhakaaathi.
“Ube neshwa nje ukuthi angadlali njalo ngesizini edlule. Nokuthi iqembu belidlala kahle bekungamsizi neze.
“Njengamanje ke kuybukeka engeke ahlale kwiSuperSport kodwa ke ebholeni izinto zijika esikhaleni ngakho ngeke ube nesiqiniseko.”
Lo mthombo uthi njengoba leli qembu selivele lidayise uJamie Webber kwiSekhukhune United futhi kusazohamba noThamsanqa Gabuza kungenzeka limgcine uNgoma.
Kuvela nokuthi iSuperSport isangamdedela noThapelo Maseko njengoba iMamelodi Sundowns ila emvakwayo iyinunusela ngemali.
“Balahlekelwe uJamie Webber oye kwiSekhukhune kanti noGabuza uyahamba ngakho kungenzeka bamdinge uNgoma ngenxa yamava akhe.
“Kukhona ke kodwa namanye amaqembu akhombisa ukuthi engamamukela uma kuwukuthi uyatholakala, ikakhulukazi mahhala.”
Okunye ikungasiza uNgoma ahlale wukuthi ne-Orlando Pirates kuvela ukuthi ngeke iyinike iSuperSport uZakhele Lepasa.
FUNDA NALA: Kuyambhimbela uNdumiso Mabena kwi-Orlando Pirates
Lo mgadli uhlale izinyanga eziyisithupha kwiSuperSport ebolekisiwe futhi wenza kahle kakhulu ngendlela yokuthi uHunt ufisa ukumthatha unomphelo.
Kodwa ke kungenzeka esikhundleni sakhe kungenzeka anikwe uBienvenu Eva Nga okuvela ukuthi angase angadingeki kwiPirates.