EzakamuvaIbhola

Ulandelwa yizesheli azichaze eSpain owe-Orlando Pirates

Njabulo Shezi

Omunye wabadlali be-Orlando Pirates uhehe inqwaba yamaqembu aphesheya ngesikhathi leli qembu lisekhempini yaseSpain.

URelebogile Ratomo ubehambe nePirates ohambweni lwayo lwaseSpain lapho bedlale khona imidlalo emithathu yobungani. 

I-Orlando Pirates idlale neMaccabi Tel Aviv, i-Independiente del Valle ne-UD Las Palmas. Leli qembu laseSoweto liwine imidlalo emibili ladlala ngokulingana kowodwa.

Ngokusho komthombo ongaphakathi ekhempini yeBucs, uRelebohile Ratomo ubengomunye wabadlali abavelele kule midlalo, wagcina esebatshazwa nayizihlwele. 

Inqwaba yezinhloli kuthiwa ibihambele imidlalo yePirates futhi leli qembu lihlabe abaningi umxhwele.

“Ikusasa libukeka liqhakazile kuRelebohile Ratomo, wenze kahle impela,” kucashunwe umthombo usho kanje kwiPhakaaathi. 

“Uhambo lwaseSpain lube yithuba elihle lokuthi azithengise emhlabeni. Ngicabanga ukuthi ukwenzile lokho, yingakho amaqembu esemfuna. 

“Ngiyazi ukuthi abeMaccabi balabeke umxhwele ngaye, futhi bebebuza okuningi ngaye. 

“Uma ngikhuluma iqiniso, akungimangazi konke lokhu. Ukhombisile ukuthi uyakwazi ukwenza izinto ezinkulu.” 

Lo mthombo uthi ngendlela amanye amaqembu achazeke ngayo, ngeke uthuke uma efika esezobeka okuthile etafuleni ingakaqali isizini ezayo. 

“Kungenzeka kuvele kwenzeke ngaphambi kokuthi kuqale isizini, kodwa angicabangi ukuthi abaphathi be-Orlando Pirates sebekulungele ukumbona eshiya iqembu. 

“Ngiyazi ukuthi basabheke lukhulu kuye nakubo bonke abanye abadlali… sizobona ngokuhamba kwezinsuku okuzokwenzeka.”

URatomo ukhushulelwe eqenjini elikhulu kwi-Orlando Pirates ngasekupheleni kwesizini edlule, njengoba lo mgadli enze kahle eqenjini leqembu elidlala kwiDStv Diski Challenge.

FUNDA NALA: UPatrick Tignyemb ugcona iChiefs, noRulani ‘olingisa’ uGuardiola

Udlale umdlalo wakhe wokuqala eqenjini likaJose Riveiro ngesikhathi libambana ngo 1-1 neRoyal AM emdlalweni weligi. 

Lo mfanyana ushaye igoli lakhe lokuqala kwiPirates emdlalweni wokugcina weligi ng sizini bebhekene naMaZulu FC