EzakamuvaIbhola

UJohnson ubona ukukhanya phambili kwiChiefs

UCavin Johnson, ongene obambe njengomqeqeshi wesikhashana kwiKaizer Chiefs, ubone izinguquko ezinhle eqenjini kusukela ethathe izintambo.

Nokho, uyawazi ukuthi unzima umthwalo osemahlombe akhe kulo msebenzi anikwe wona.

Emdlalweni wakhe wokuqala ebambe izintambo, uJohnson akakwazanga ukukhuthaza iChiefs ishaywa yiGolden Arrows emdlalweni weligi.

Agxile kukho kakhulu kulo leli sonto wukugcina abadlali begxile emdlalweni wabo weDStv Premiership ozokuba ngoLwesithathu.

Kuzomele aphinde aqinisekise ukuthi abaphazanyiswa wumdlalo wedabhi yaseSoweto ongempelasonto. 

IChiefs izobe ibhekene neCape Town Spurs, iqembu eligcwele ukuzethemba ngemuva kokwehlula izimbangi zeChiefs ezinkulu, i-Orlando Pirates, emdlalweni wayo wakamuva.

UJohnson ulandwe ezoba yinhloko yezokuthuthukiswa kwentsha ezinyangeni ezimbalwa ezedlule, wathatha isikhundla sokuba ngumqeqeshi kulandela ukuhamba kukaMolefi Ntseki emasontweni amabili edlule.

Uzimisele ngokuvusa leli qembu ukuthi libuyele ezimisweni zalo ezibalulekile ezichaza ikilabhu.

Empeleni nje, uJohnson uyazazi izinselelo ezizayo kodwa usebenza ngokuzikhandla ukuze agcine umuzwa wokuphumelela kubadlali. 

“Ngiza nolwazi lwami oluncane lokuqeqesha enginalo bese ngiluxuba nezinseko zeKaizer Chiefs,” kusho uJohnson kwi-website yeqembu muva nje.

“Yini lezo zinseko zeKaizer Chiefs, yini eyenza iKaizer Chiefs ime iminyaka engaka? Khohlwa ukungabi khona noima ukuba khona kwezindebe. 

“Ngikhuluma ngokwakhiwa kweKaizer Chiefs… Abadlali babonakala beqonda ukuthi iKaizer Chiefs iyini,” kusho lo mqeqeshi oke waba yiphini lomqeqeshi kwi-Al-Ahly.

UJohnson ujabule ngendlela amukelwa ngayo eqenjini ngesikhathi eefika ezoba yinhloko yophiko lwentsha. 

FUNDA NALA: Kugcine kumenele umgadli woSuthu obexinekile

Umdlalo weChiefs neSpurs uzodlalelwa ngaphandle kwabalandeli njengoba leli qembu lihlawuliswe ukudlala ngaphandle kwabalandeli kulandela udlame lwabalandeli lwakamuva.