EzakamuvaIbhola

Sekuvele abafuna ukuthenga iRoyal AM, kodwa iyadura

Sekunemibiko ethi sebevelile abafisa ukuthatha iRoyal AM ezandleni zikaShauwn Mkhize njengoba kunezinsolo zokuthi isiyamsinda. 

Kuvela ukuthi abebephethe iBloemfontein Celtic kudala, izelamani oJimmy no-Ikie Augoisti yibo abafuna leli qembu. 

Kuthiwa inhloso yabo wukuthi balibuyisele eBloemfontein ngoba abalandeli bebhola bakhona bayafa yindlala yebhola elikhokhelayo. 

Nokho into engase ibambezele izingxoxo wukuthi imali efunwa uMaMkhize kuthiwa ingaphezulu kakhulu kunale bona abafisa ukuyikhipha. 

Ngesikhathi elithenga kuMax Tshabalala leli qembu uMaMkhize kuthiwa wakhipha u-R50-million. 

Kodwa manje usefuna u-R80-million kulowo ofisa ukulithenga. Manje o-Augousti bakhala  ngokuthi leli qembu selehlelwe yizinga. 

Bathi kumele ngabe selibiza kancane kunemali ayelithenge ngayo, kodwa yena umile kule ayifunayo. 

“Obhuti bakwa-Augousti bayalwa, bathi iqembu selehlelwe yizinga futhi ngeke bona balithenge ngale mali eshiwoyo,” kubika iRushsporton. 

Njengoba igama leBloemfontein Celtic lisengaphansi kukaTshabalala, kuthiwa o-Augousti bazoyiqamba ngokuthi yiBloemfontein City. 

FUNDA NALA: UJohnson ubona ukukhanya phambili kwiChiefs

Kodwa bazobe bezama futhi ukuxoxa noTshabalala ngokuthi ababuyisele leli qama laleli qembu uma sebeyitholile iRoyal AM.