Kugcine kumenele umgadli woSuthu obexinekile
Akasekho emhlabeni umgadli waMaZulu FC, uBonginkosi Ntuli oshone ngeSonto kulandela ukuxinwa ukugula isikhashana.
Usuthu lukhiphe isitatimende ngeSonto kusihlwa, lazisa umphakathi ngalezi zindaba ezimbi esezenzeke eqenjini.
UNtuli, oneneminyaka engu-32, uxinwe ukugula ezinyangeni ezimbalwa futhi wangeniswa esibhedlela kodwa kwabuye kwangathi uba ngcono.
Wakwazi nokuhamba aye emshadweni wesihlobo sakhe obuseKapa ngenyanga edlule kodwa kwabuye kwamxina ukugula ngemuva kwalokho.
Ngokwesitatimende seqembu, uNtuli kutholakale ukuthi unohlobo oluthile lomdlavuza, okuyinto etholakale seyimlimaze kakhulu ukuthi inganqandeka.
Iqembi libe selicela ukuthi kuhlonishwe umndeni futhi unikwe isikhathi sokubhekana nalesi simo ngaphandle kwengcindezi yangaphandle.
Ushona nje uNtuli ubesanda kushada noSinenjabulo Zungu oyindodakazi kamengameli waMaZulu, uSandile Zungu.
FUNDA NALA: URiveiro uphawula ngokusha komthombo wamagoli kwiBucs
USinenjabulo uyisikhulu esiphezulu kuMaZulu. Impempe idlulisa ukukhalisana kwayo nomndeni, abangani, AmaZulu FC nezihlobo zikaNtuli.